YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 9

9
Inhlupheko Yesihlanu: Ukufa Kwemfuyo
1 USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kuFaro, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: “Vumela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze. 2Ngokuba uma wenqaba ukubavumela ukuba bahambe, ulokhu ubabambile, 3isandla sikaSimakade sizoyishaya ngesifo imfuyo esehlane: amahhashi, izimbongolo, amakameli, izinkomo, izimvu, nezimbuzi. 4 Kepha uSimakade uzohlukanisa phakathi kwemfuyo yabakwa-Israyeli nemfuyo yabaseGibhithe, ukuze kungafi lutho olungolwabantu bakwa-Israyeli.” ’ ”
5USimakade wanquma isikhathi wathi: “Kusasa uSimakade uzokwenza lokhu ezweni.”
6 Ngakusasa uSimakade wakwenza lokho; yonke imfuyo yabaseGibhithe yafa, kodwa akufanga nayinye emfuyweni yabantu bakwa-Israyeli. 7 UFaro wathumela, kodwa wathola ukuthi akukho nasinye isilwane emfuyweni yabakwa-Israyeli esasifile. Kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, akabavumelanga abantu ukuba bahambe.
Inhlupheko Yesithupha: Amathumba
8USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Thathani umlotha eziko ugcwale izandla bese uMose ewuphonsa phezulu emoyeni phambi kukaFaro. 9 Uzakuphenduka uthuli phezu kwezwe lonke iGibhithe, udale amathumba kubantu nasezilwaneni kulo lonke iGibhithe.”
10Base bewuthatha umlotha eziko, bama phambi kukaFaro, uMose wawuphonsa phezulu emoyeni, wase udala amathumba kubantu nasezilwaneni. 11 Osomlingo abakwazanga ukuma phambi kukaFaro ngenxa yamathumba, ngoba nabo babehlaselwe ngamathumba nabo bonke abaseGibhithe. 12 Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabalalelanga, njengoba uSimakade ayeshilo kuMose.
Inhlupheko Yesikhombisa: Isichotho
13 USimakade wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kakhulu uye kuFaro, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade, uNkulunkulu wamaHebheru, uthi: “Vumela abantu bami bahambe bayongikhonza. 14 Ngokuba kulesi sikhathi ngizothumela zonke izinhlupheko zami enhliziyweni yakho, kweyezinceku zakho, nakweyabantu bakho, ukuze nazi ukuthi akekho onjengami emhlabeni wonke. 15Manje ngiselulile isandla sami ukuba ngikushaye wena nabantu bakho ngesifo, nishabalale emhlabeni. 16 Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke. 17Usaziphakamisa, awufuni ukuvumela abantu bami ukuba bahambe na? 18 Uyabona-ke, kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela isichotho esinamandla amakhulu, esingakaze sibonwe eGibhithe selokhu laba khona kuze kube namuhla. 19Ngakho-ke thumela ukuba kubuyiswe imfuyo yakho nakho konke onakho okusendle kufakwe endaweni ephephileyo. Bonke abantu nezilwane okuzobe kusendle, isichotho sizokwehlela kukho kufe.” ’ ”
20 Lezo zinceku zikaFaro ezazilesaba izwi likaSimakade zaphuthuma zafaka izigqila zazo, nemfuyo yazo endaweni ephephileyo. 21Lezo ezingaligqizanga qakala izwi likaSimakade zazishiya izigqila nemfuyo yazo endle.
22 USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho ngasezulwini, ukuze isichotho sehlele kulo lonke iGibhithe, kubantu, ezilwaneni, nakuzo zonke izitshalo ezisemasimini eGibhithe.”
23 UMose waphakamisa induku yakhe wayibhekisa ngasezulwini, uNkulunkulu wathumela ukuduma nesichotho, nomlilo, kwehlela emhlabeni. USimakade wehlisa isichotho kulo lonke iGibhithe. 24Kwehla isichotho nomlilo, nokuphazima okwakuhambisana nesichotho esasinamandla, esingakaze sibonwe eGibhithe selokhu laba yisizwe. 25 Isichotho sashaya savithiza kulo lonke iGibhithe, konke okwakusendle kusukela kubantu, izilwane, nazo zonke izitshalo emasimini; sashaya sayiphula yonke imithi yasendle. 26 KuseGosheni kuphela, lapho kwakuhlala khona abakwa-Israyeli, esingehlanga khona isichotho.
27 UFaro wathumela wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Kulokhu ngonile; uSimakade ulungile, mina nabantu bami sinecala. 28 Khulekani kuSimakade; sekwanele lokhu kuduma kukaNkulunkulu okungaka nesichotho. Ngizonivumela nihambe, ningabe nisachitha sikhathi lapha.”
29 UMose wathi kuye: “Lapho nje ngiphuma emzini ngizokwelulela izandla zami kuSimakade; ukuduma kuzophela, singabe sisehla nesichotho, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaSimakade. 30 Kepha ngiyazi ukuthi wena nezikhulu zakho, anikamesabi uSimakade uNkulunkulu.”
31Ifilakisi nebhali lashaywa lonakala, ngokuba ibhali lalikhahlele, nefilakisi seliqhakaza. 32Kodwa ukolo nesipelithi akonakalanga ngoba kwakungakaqhumi. 33UMose waphuma emzini kaFaro, welulela izandla zakhe kuSimakade; kwase kunqamuka ukuduma, nesichotho, nemvula, lasa. 34UFaro wabona ukuthi imvula, ukuduma nesichotho sekunqamukile, wabuye wona futhi, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezikhulu zakhe. 35Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni akabavumelanga abantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe, njengoba uSimakade ayeshilo ngoMose.

Currently Selected:

I-Eksodusi 9: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in