YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 7

7
Isimangaliso Senduku KaMose
1 USimakade wathi kuMose: “Uyabona-ke, ngikwenze wanjengonkulunkulu kuFaro, nomfowenu u-Aroni uyakuba ngumphrofethi wakho. 2Wena uyakukhuluma konke engizokuyala ngakho, kuthi u-Aroni umfowenu akhulume kuFaro ukuba akhulule abantu bakwa-Israyeli, baphume ezweni lakhe. 3 Kepha Mina ngizokuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngiphindaphinde izibonakaliso nezimangaliso zami eGibhithe. 4 Uma uFaro engakulaleli, Mina ngizolishaya iGibhithe ngezenzo ezinkulu zokwehlulela, ngikhiphe abantu bami, u-Israyeli, ngamaviyo abo, eGibhithe. 5 AbaseGibhithe bayongazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilishaya iGibhithe, ngikhipha kulo abantu bakwa-Israyeli.”
6 UMose no-Aroni benza njengalokhu uSimakade ayebayalile. 7 UMose wayeseneminyaka engama-80, u-Aroni eneminyaka engama-83 ngesikhathi beyokhuluma noFaro.
8USimakade wathi kuMose no-Aroni: 9 “Uma uFaro ethi yenzani isibonakaliso, ubokuthi ku-Aroni: ‘Thatha induku yakho uyiphonse phansi phambi kukaFaro; iyophenduka inyoka.’ ”
10 UMose no-Aroni baya kuFaro benza njengalokhu uSimakade ebayalile; u-Aroni wayiphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro nezikhulu zakhe, yaphenduka inyoka. 11 UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo. 12Ngamunye baphonsa phansi izinduku zabo; zaphenduka izinyoka, kodwa induku ka-Aroni yazigwinya izinduku zabo. 13 Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akabalalelanga, njengalokhu ayeshilo uSimakade.
Izinhlupheko Ezilishumi EGibhithe
Inhlupheko Yokuqala: Amanzi Aphenduka Igazi
14USimakade wathi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni; uyenqaba ukuvumela abantu ukuba bahambe. 15 Hamba uye kuFaro ekuseni, uyaphuma njengamanje uya emfuleni. Uyokuma umlinde ngasosebeni lomfula. Phatha ngesandla induku leyo eyaphenduka inyoka. 16 Uyakuthi kuye: ‘USimakade, uNkulunkulu wamaHebheru ungithume kuwe ukuba ngithi: “Vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza ehlane. Kepha kuze kube manje awulalelanga. 17 Uthi-ke uSimakade: ngalokhu uzokwazi ukuthi nginguSimakade. Uyabona-ke, ngale nduku engiyiphethe ngesandla, ngiyoshaya amanzi omfula iNayili, ayophenduka igazi. 18 Izinhlanzi ezisemfuleni ziyokufa, umfula iNayili unuke phu, abaseGibhithe bayakukhathazeka bengakwazi ukuwaphuza amanzi omfula.” ’ ”
19 USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Thatha induku yakho uyelulele phezu kwamanzi aseGibhithe, phezu kwemithombo, naphezu kwemifula, phezu kwamaxhaphozi, namachibi, ukuze amanzi aphenduke igazi. Kuyoba negazi kulona lonke iGibhithe, ngisho nasezitsheni zokhuni nezitsha zamatshe.’ ”
20 UMose no-Aroni benza njengoba uSimakade ayebayalile. Wayiphakamisa induku yakhe, washaya amanzi emfuleni phambi kukaFaro nezinceku zakhe, onke amanzi ayesemfuleni iNayili aphenduka igazi, 21kwafa izinhlanzi. Umfula wanuka kangangokuthi abaseGibhithe abakwazanga ukuphuza amanzi awo: kwakunegazi kulona lonke iGibhithe. 22 Kepha nosomlingo baseGibhithe nabo, ngemilingo yabo, benza into efanayo, ngakho-ke inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akavumanga ukubadedela, njengalokhu uSimakade ayeshilo. 23UFaro waphenduka wabuyela esigodlweni sakhe, akaze akunaka lokho enhliziyweni yakhe. 24Bonke abaseGibhithe bamba nxazonke zomfula iNayili ukuze bathole amanzi okuphuza, ngoba babengenakuwaphuza amanzi ayesemfuleni.
25Kwedlula izinsuku eziyisikhombisa uSimakade eyishayile iNayili.

Currently Selected:

I-Eksodusi 7: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in