YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 36

36
Ukwakhiwa Kwendawo Engcwele
1“UBhezaleli no-Oholiyabhe bayosebenza nabo bonke abanekhono, uSimakade abeke kubo ukuhlakanipha, ukuqonda nokwazi ukwenza wonke umsebenzi wokwakha indawo engcwele, ngendlela uSimakade ayale ngayo.”
2UMose wabiza uBhezaleli, u-Oholiyabhe nabo bonke abanekhono, uSimakade ayebaphe ukuhlakanipha, bonke ababenhliziyo zifisa ukuba bazokwenza lo msebenzi. 3UMose wabanika bonke umnikelo wesihle abantu bakwa-Israyeli ababewulethele umsebenzi wokwakhiwa kwendawo engcwele. Babewuletha kuye umnikelo wesihle njalo ekuseni imihla ngemihla, 4kwaze kwathi bonke abanamakhono ababenza imisebenzi eyehlukene endaweni engcwele beza kuMose, yilowo nalowo esuka emsebenzini ayewenza, 5 bathi kuMose: “Abantu baletha izinto eziningi kakhulu kunalezo ezidingekileyo ukwenza umsebenzi uSimakade ayale ukuba wenziwe.”
6Ngakho-ke uMose wakhipha umyalo kwase kuyamenyezelwa enkanjini kuthiwa: “Akungabe kusaba bikho muntu wesilisa nowesifazane oletha umnikelo wendawo engcwele.”
Abantu banqindwa ukuletha umnikelo, 7 ngokuba lokho abase bekulethile kwakungaphezu kokwanele ukuqeda wonke umsebenzi.
Ukwakhiwa Kwethabanakeli
8 Bonke ababeyizingcweti phakathi kwabo, bakha ithabanakeli ngamakhethini alishumi elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, nangokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, nangokubomvu, kwathi ngobugcweti obukhulu bawahlobisa ngamakherubhi. 9Ubude bekhethini babungamakhubhithi angama-28, ububanzi balo bungamakhubhithi amane; wonke ayelingana. 10Bawahlanganisa amakhethini amahlanu baxhuma elinye kwelinye; namanye ayisihlanu bawahlanganisa baxhuma elinye kwelinye. 11Benza izinkintsho ngokuluhlaza okwesibhakabhaka emphethweni engxenyeni engasekugcineni kwamakhethini okuqala, benza kanjalo futhi nasesiqeshini esingasekugcineni kwamakhethini esibili. 12Benza izinkintsho ezingama-50 ekhithinini lokuqala. Benza nezinye ezingama-50 emphethweni wekhethini elihlanganisiweyo lesibili; amakhethini abhekana. 13Benza izinkintsho zegolide ezingama-50 bahlanganisa ngazo amakhethini, ngakho-ke ithabanakeli laliyinto eyodwa.
14Benza amakhethini ngoboya bezimbuzi, aba wuphahla lwethabanakeli; bawenza amakhethini aba li-11. 15Ubude bekhethini babungamakhubhithi angama-30, ububanzi bawo bungamakhubhithi amane; amakhethini ali-11 ayelingana. 16Bawahlanganisa amahlanu bawenza isiqephu esisodwa, nayisithupha ngokufanayo. 17Benza izinkintsho ezingama-50 emphethweni wekhethini elaligcinile ekhethinini lokuqala, benza futhi izinkintsho ezingama-50 emphethweni wekhethini elaligcinile esiqeshini sesibili. 18Benza izinkintsho zethusi zokuhlanganisa ithende ezingama-50, ukuze libe yinto eyodwa. 19Benza okokufulela ithende ngezikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu. Benza nokunye kokumboza phezulu ngezikhumba zamahlengethwa.
20 Benza amapulangwe ethende ngokhuni lomkhambathi, bawamisa. 21Ubude bepulangwe babungamakhubhithi alishumi, ububanzi balo buyikhubhithi nengxenye. 22Ipulangwe ngalinye lalinezikhonkwane ezimbili zokulixhumanisa; benza kanjalo kuwo wonke amapulangwe ethabanakeli. 23Benza amapulangwe ethabanakeli angama-20 ohlangothini lwaseningizimu, olubheke eningizimu ngendlela efanayo. 24Benza izisekelo ezingama-40, zizimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe. 25Ohlangothini lwesibili lwethabanakeli ngasenyakatho benza amapulangwe angama-20, 26nezisekelo zesiliva ezingama-40, zizimbili phansi kwepulangwe ngalinye, kanjalo nalandelayo. 27Ngasohlangothini olungemuva kwethabanakeli ngasentshonalanga, benza amapulangwe ayisithupha. 28Benza amapulangwe amabili emagunjini angemuva ethabanakeli. 29Ayehlukene phansi, ehlangene phezulu esongweni; bawenza omabili ngale ndlela emagunjini omabili. 30Kwakunamapulangwe ayisishiyagalombili nezisekelo zawo zesiliva ezili-16; phansi kwalelo nalelo pulangwe kwakunezisekelo ezimbili.
31Benza imishayo ngokhuni lomkhambathi, yaba mihlanu eyamapulangwe asohlangothini olulodwa lwethabanakeli, 32nemishayo emihlanu yamapulangwe akolunye uhlangothi lwethabanakeli, neminye emihlanu entshonalanga ngasemuva kwethabanakeli. 33Benza umshayo ophakathi nendawo, ukuba udabule usuka kulolu hlangothi, uye kolunye uhlangothi lwamapulangwe. 34Bawacaka amapulangwe ngegolide, benza amasongo awo ngegolide ukuze abambe imishayo, bayicaka nemishayo ngegolide.
35 Benza ikhethini ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, lahlotshiswa ngamakherubhi ngobungcweti obukhulu. 36Balenzela izinsika ezine ngokhuni lomkhambathi bazicaka ngegolide, izinkintsho zalo ziyigolide. Balenzela nezisekelo ezine zesiliva. 37Benza amakhethini ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, umsebenzi wengcweti yokuhlobisa. 38Benza izinsika ezinhlanu nezinkintsho zazo, bacaka izihloko zezinduku nezisekelo ngegolide, kodwa izisekelo zazo ezinhlanu zazingezethusi.

Currently Selected:

I-Eksodusi 36: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy