YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 2

2
Ukuzalwa Nokukhuliswa KukaMose
1 Kwasuka indoda kwabendlu kaLevi yaganwa yindodakazi kaLevi. 2 Wakhulelwa lowo wesifazane wazala indodana; kwathi lapho eyibona ukuthi yinhle, wayifihla izinyanga ezintathu. 3 Kuthe lapho engasakwazi ukuyifihla wayithatha wayifaka ebhokisini elaliphicwe ngekhwani, lahuqwa ngebhithumeni nekoliyati, walibeka emhlangeni owawusosebeni lomfula. 4Udadewabo wema buqamama ukuze abone ukuthi kuzokwenzekani kuye. 5 Kwase kwehla indodakazi kaFaro iyogeza emfuleni, abaphelezeli bayo bagudla osebeni lomfula; yayisibona ubhasikidi emhlangeni, yayisithumela umsizi wayo ukuyowulanda. 6Kwathi lapho iwuvula yabona; bheka, kwakungumfana; wayekhala. Yamhawukela, yayisithi: “Lona ngomunye wezingane zamaHebheru.”
7Udadewabo wathi endodakazini kaFaro: “Ngihambe yini ngiyokulandela umzanyana kwabesifazane bamaHebheru ukuba akuncelisele yona na?”
8Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba.”
Intombazane yahamba yayobiza unina wengane. 9Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Thatha lo mntwana uyongincelisela yena, ngizokukhokhela.”
Owesifazane wamthatha umntwana wamncelisa. 10 Umntwana wakhula, wayesemyisa endodakazini kaFaro, waba yindodana yayo; yamqamba ngokuthi nguMose, ngokuba yathi: “Ngamkhipha emanzini.”
Ukubaleka KukaMose EGibhithe
11 Langa limbe uMose esekhulile, waya kubantu bakubo, wabubona ubunzima ababebuthwele; wabona umGibhithe eshaya umHebheru ongomunye wabantu bakubo. 12 Waqalaza ngapha nangapha, wangabona muntu, wayesembulala umGibhithe, wamfihla esihlabathini. 13 Ngakusasa lapho ephuma, nanka amadoda amabili amaHebheru elwa; wayesethi kuleyo ndoda eyayonile: “Umshayelani umfowenu na?”
14 Yaphendula yathi: “Ngubani okubeke inkosi nomehluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala njengalokhu ubulele umGibhithe na?”
UMose wayesesaba, wacabanga wathi: “Impela lokhu sekuyaziwa.”
15 Lapho uFaro esezwile ngalokho wafuna ukumbulala uMose.
Kepha uMose wabaleka phambi kukaFaro, wayohlala kwaMidiyani, wahlala phansi eduze komthombo. 16 Kwakukhona umphristi kwaMidiyani owayenamadodakazi ayisikhombisa; eza ezokukha amanzi, ukuba agcwalise imikhombe ukuze imfuyo kayise iphuze. 17 Abelusi bafika bawaxosha, kodwa uMose wasukuma wawasiza, wawuphuzisa umhlambi wawo.
18 Lapho efika kuyise uRehuweli, wathi kuwo: “Yini eyenze nabuya masinya namuhla na?”
19Athi kuye: “UmGibhithe usikhululile esandleni sabelusi, wabuye wasikhelela amanzi, wawuphuzisa nomhlambi.”
20Wathi emadodakazini akhe: “Pho uphi na? Nimshiyeleni? Mbizeni ukuze azokudla.”
21 UMose wavuma ukuhlala nalowo muntu. Waganisela uMose indodakazi yakhe uZiphora. 22 Wazala indodana wayibiza ngokuthi nguGereshomu, ngokuba ethi: “Ngingumfokazi ezweni labezizwe.”
Isivumelwano SikaNkulunkulu No-Abhrahama
23 Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu. 24 UNkulunkulu wakuzwa ukububula kwabo, wayesesikhumbula isivumelwano ayesenze no-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe. 25UNkulunkulu wababheka abantu bakwa-Israyeli, futhi wabanakekela.

Currently Selected:

I-Eksodusi 2: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in