YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 15

15
Ihubo Lokudumisa Kuka-Israyeli
1 UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi:
“Ngizohlabelela kuSimakade,
ngokuba uphakeme kakhulu,
ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.
2 USimakade ungamandla ami nesivikelo sami,
uyinsindiso yami,
lona nguNkulunkulu wami,
ngizokumtusa,
nguNkulunkulu kababa,
ngizokumphakamisa.
3 USimakade uyindoda yempi,
nguSimakade igama lakhe.
4 Izinqola zikaFaro nempi yakhe
ukuphonse olwandle;
izikhulu zakhe ezikhethekileyo
uziminzise oLwandle Lomhlanga.
5 Utwa lwabasibekela;
bashona ezinzulwini njengetshe.
6 “Isandla sakho sokunene Simakade
siyakhazimula ngamandla,
isandla sakho sokunene Simakade
sifihlize isitha.
7 Ebukhulwini bobukhosi bakho
uthele phansi labo
abamelana nawe,
uthumele intukuthelo yakho
yabaqothula njengamahlanga.
8 Ngokufutha kwamakhala akho
amanzi ema aba yinqwaba,
izikhukhula zaphakama njengendunduma,
utwa lwashuba enhliziyweni yolwandle.
9 “Isitha sathi: ‘Ngizokubahubha,
ngize ngibafice,
ngehlukanise impango,
ngizitike ngize ngidele ngabo.
Ngiyakuhosha inkemba yami,
isandla sami sibabhubhise.’
10 Uphephethe ngomoya wakho,
ulwandle lwabemboza,
bacwila njengomthofu
emanzini anamandla.
11 “Ngubani onjengawe Simakade
phakathi konkulunkulu na?
Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele,
omangalisayo ngendumiso,
owenza izimangaliso na?
12 Welule isandla sakho sokunene,
umhlaba wabagwinya.
13 “Ngomusa wakho omiyo njalo
uhole abantu bakho obakhululileyo;
wabahola ngamandla akho
wabayisa endaweni okuhlala kuyo
ubungcwele bakho.
14 Izizwe zizwile,
zathuthumela;
iminjunju yehlela izakhamuzi zaseFilistiya.
15 Izikhulu zakwa-Edomi
zaba netwetwe;
izikhulu zakwaMowabi zathuthumela;
zonke izakhamuzi zaseKhanani
zaphelelwa ngamandla.
16 Behlelwe yingebhe novalo,
ngobukhulu bamandla engalo yakho,
bathulisa okwetshe,
kwaze kwedlula abantu bakho Simakade,
kwaze kwedlula abantu bakho
ozithengele bona.
17 Uyakubabuyisa ubatshale entabeni eyifa lakho,
indawo Wena Simakade ozenzele yona
ukuba uhlale kuyo,
indawo engcwele Simakade,
emiswe yizandla zakho.
18 USimakade uyakubusa phakade naphakade.”
19 Kwathi ukuba amahhashi kaFaro, nezinqola zempi yakhe, nabagibele amahhashi bangene olwandle, uSimakade wawabuyisela phezu kwabo amanzi olwandle, kodwa abantu bakwa-Israyeli badabula behamba emhlabathini owomileyo.
20 Kwase kusuka uMiriyamu umphrofethikazi, udadewabo ka-Aroni, wathatha ithamborini ngesandla sakhe; waphuma nabo bonke abesifazane emva kwakhe, bephethe amathamborini, besina. 21 UMiriyamu wahlabelela wathi:
“Hlabelelelani uSimakade,
ngokuba uphakeme kakhulu,
ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.”
Amanzi Ababayo AseMara
22 UMose wabahola abantu bakwa-Israyeli besuka oLwandle Lomhlanga, baze bafika ehlane iShuri, bahamba izinsuku ezintathu ehlane, kodwa abatholanga manzi. 23 Bafika eMara, kodwa abakwazanga ukuphuza amanzi eMara, ngokuba ayebaba, yingakho igama lendawo kwathiwa yiMara. 24 Abantu bakhononda ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”
25 Wakhala kuSimakade, uSimakade wamkhombisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi ayeseba mnandi. USimakade wabamisela khona lapho umthetho nesimiso, wayesebavivinya belapho.
26 Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”
27 Bafika e-Elimu, lapho kwakukhona khona imithombo eyi-12 yamanzi, namasundu angama-70, bakanisa lapho ngasemanzini.

Currently Selected:

I-Eksodusi 15: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in