YouVersion Logo
Search Icon

Kwabase-Efesu 3

3
UPawula Wambula Imfihlakalo Yevangeli Kwabezizwe
1 Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe. 2 Uma impela senizwile ngohlelo lomusa kaNkulunkulu angiphe wona ngenxa yenu, 3 ukuthi wangambulela ngesambulo imfihlakalo, njengoba nganilobela kafushane ngaphambilini; 4 okuyothi uma niyifunda niqonde ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKhristu. 5 Akayazisanga amadodana abantu ezizukulwaneni ezandulelayo, njengalokhu seyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaphrofethi ngoMoya, 6 ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKhristu uJesu ngevangeli; 7 engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe. 8 Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo. 9 Ngikhanyisele bonke abantu ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala konke, 10 ukuze ngebandla baziswe manje ababusi nabanamandla emazulwini ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu, 11 ngokwecebo laphakade alenzayo ngoKhristu uJesu iNkosi yethu; 12 okungaye sinesibindi sokungena ngethemba, ngokukholwa kuye. 13 Ngakho-ke ngiyaninxusa ukuba ningadangali ngezinhlupheko engikuzo ngenxa yenu, eziwudumo kini.
UPawula Ukhulekela Ibandla Ukuba Likhule Ekwazini Uthando LukaNkulunkulu
14 Ngenxa yalokho, ngiguqa ngamadolo kuYise 15eyethiwe ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni, 16 ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuba niqiniswe emandleni kumuntu wangaphakathi ngoMoya wakhe. 17 UKhristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni, 18 nibe namandla okuqonda kanye nabangcwele bonke okungububanzi, ubude, ukuphakama, nokujula kothando lwakhe, 19 nilwazi uthando lukaKhristu olwedlula ukuqonda konke, ukuze nipheleliswe ngokuphelela konke kukaNkulunkulu.
20 KuYena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, 21 makube kuye udumo ebandleni nakuKhristu uJesu ezizukulwaneni zonke, phakade naphakade. Amen.

Currently Selected:

Kwabase-Efesu 3: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in