YouVersion Logo
Search Icon

UMshumayeli 8

8
Okungcono Empilweni (2)
1 Ngubani ofana nomuntu ohlakaniphile na?
Ngubani owazi incazelo yendaba na?
Ukuhlakanipha kwenza ubuso bomuntu bukhazimule,
nokunyukubala kobuso bakhe kuguquke.
2 Ngithi: gcina umyalo wenkosi,
ngenxa yesifungo sikaNkulunkulu.
3 Ungasheshi ukusuka phambi kwenkosi,
ungalibali uma kunodaba olubi,
ngokuba yona yenza ngokuthanda kwayo.
4 Izwi lenkosi liyabusa,
ngubani ongathi kuyo:
“Wenzani na?”
5 Lowo ohlonipha umyalo akayukwehlelwa ngokubi,
ingqondo yohlakaniphileyo
iyasiqonda isikhathi esifanele nokwehlulela.
6 Ngokuba yonke into inesikhathi sayo esiyifanele,
nendlela yokuyenza,
nanxa inhlupheko yomuntu
inzima emahlombe akhe,
7 akazi ukuthi kuzokwenzekani,
ngokuba ngubani ongamtshela
ukuthi izokwenzeka kanjani?
8 Akukho muntu onamandla phezu komoya
ukuba awuvimbe,
noma amandla phezu kosuku lokufa.
Akekho okhululekile empini,
kanjalo nobubi abunakubakhulula labo ababenzayo.
9 Konke lokhu ngakubona ngesikhathi ngicabangisisa ngengqondo yami zonke izinto ezenzeka phansi komthunzi welanga. Kunesikhathi lapho umuntu ebusa abanye, kube ngukulimala kwakhe.
10 Ngabona ababi bengcwatshwa, ababevame ukungena bephuma endaweni engcwele, belibaleka emzini lapho babenza khona lezo zinto; nalokho kuyize.
11 Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi. 12 Noma isoni singona kaningi, siphile isikhathi eside, nokho ngiyazi ukuthi kuzobahambela kahle abamesabayo uNkulunkulu, ngoba bahamba ngokwesaba phambi kwakhe. 13 Kodwa akuzukubahambela kahle ababi, izinsuku zabo zokuphila azizukweluleka njengethunzi, ngoba abahambi ngokwesaba phambi kukaNkulunkulu.
14 Kunento eyize eyenziwa emhlabeni: kukhona abantu abalungile abehlelwa yizinto ezifana nezehlela ababi, nabantu ababi okwenzeka kubo izinto ezenzeka kwabalungileyo. Ngithi: “Nalokho kuyize.”
15 Ngakho-ke mina ngincoma ukuzijabulisa, ngokuba akukho okungcono kumuntu phansi komthunzi welanga, ngaphandle kokuba adle, aphuze, azijabulise, ngokuba lokhu kuyohlala kunaye emshikashikeni wokuphila kwakhe, ngezinsuku uNkulunkulu amuphe zona phansi komthunzi welanga.
16 Lapho ngifunisisa ngengqondo yami ukwazi ukuhlakanipha nokubona umsebenzi owenziwa emhlabeni umuntu engalali ubusuku nemini, 17 ngabona yonke imisebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu ngeke ayiqonde yonke imisebenzi eyenzeka phansi komthunzi welanga. Noma umuntu angazihlupha kangakanani eyifunisisa, ngeke ayithole, noma ohlakaniphile angathi uyazi, ngeke ayifumane.

Currently Selected:

UMshumayeli 8: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in