YouVersion Logo
Search Icon

UMshumayeli 2

2
Isiza Ngani Intokozo Na?
1 Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Woza ngikuvivinye ngentokozo ukuze ngibone okuhle.”
Nalokho futhi kwakuyize. 2 Mayelana nokuhleka, ngathi: “Kungubuwula,” maqondana nentokozo, ngathi: “Inamsebenzi muni na?”
3 Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo.
4 Ngenza imisebenzi emikhulu, ngakha izindlu, ngazitshalela nezivini. 5 Ngazenzela izivande nezindawo zokuphumula, ngatshala kuzo zonke, izinhlobo zezihlahla zezithelo. 6 Ngazakhela amachibi okunisela amahlathi okwakumile kuwo izihlahla. 7 Ngathenga izigqila zesilisa nezesifazane, nalezo ezazizalelwe kwami; nganginemfuyo eningi, imihlambi yezinkomo neyezimvu nezimbuzi, kukuningi ukwedlula okukanoma ngubani owangendulelayo eJerusalema. 8 Ngaziqongelelela isiliva, negolide, nengcebo yamakhosi neyezifundazwe. Ngaqoqa abahlabeleli besilisa nabesifazane, nalokho okuthokozisa amadodana abantu, nezancinza eziningi. 9 Ngakho-ke ngaba mkhulu ukwedlula abangendulelayo eJerusalema; ukuhlakanipha kwami kwahlala kukimi.
10 Noma yikuphi amehlo ami ayekufuna, ngangingawancishi; inhliziyo yami angiyincishanga intokozo, ngokuba yona yathola ukuthokoza kuwo wonke umshikashika wami, lokho kwaba ngumklomelo wami wawo wonke umshikashika wami. 11 Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.
12 Ngase ngibuye ngicabangisisa ngokuhlakanipha, ngobuhlanya nangobuwula, ngokuba angenzani lowo ongaphansi kwenkosi na? Ngaphandle kwalokho osekuvele kwenziwe. 13 Ngabona ukuthi ukuhlakanipha kungcono kunobuwula, njengoba nokukhanya kungcono kunobumnyama. 14 Umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi uyaphi, kodwa isiwula sidukuza ebumnyameni. Kodwa ngabona ukuthi siyafana isiphetho sabo bobabili. 15 Ngase ngithi enhliziyweni yami:
“Okwehlela isiwula,
nami kuzongehlela.
Pho kungani
ngihlakaniphe kakhulu na?”
Ngathi enhliziyweni yami: nalokho kuyize. 16 Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nesiwula, ngoba ngokuhamba kwezinsuku, bobabili bayalibaleka. Kungenzeka kanjani ukuthi ohlakaniphile afe njengesiwula na?
Umshikashika Phansi Komthunzi Welanga Uyize
17 Ngase ngikuzonda ukuphila ngoba umsebenzi owenziwa phansi komthunzi welanga ungububi kimi. Konke kuyize, kufana nokubamba utalagu. 18 Ngawuzonda wonke umshikashika wami engawushikashika phansi komthunzi welanga, lapho ngibona ukuthi ngizowushiyela ozoza emuva kwami. 19Kwazi bani ukuthi uzokuba yisihlakaniphi noma yisiwula na? Nokho nguyena ozokwengamela wonke umshikashika wami, asebenzise nokuhlakanipha kwami phansi komthunzi welanga. Nalokho kuyize. 20Ngase ngitheneka amandla, inhliziyo yami yadikibala ngawo wonke umshikashika engiwushikashike phansi komthunzi welanga. 21 Ngokuba kuyenzeka ukuba umuntu umshikashika wakhe awenze ngokuhlakanipha nangolwazi nangekhono, kodwa kufanele awushiyele umuntu ongakaze awukhandlekele, ube yifa lakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu. 22 Umuntu utholani ngakho konke ukushikashikeka nokukhandleka kwakhe phansi komthunzi welanga na? 23 Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe uwusizi; nasebusuku ingqondo yakhe ayikutholi ukuphumula. Nalokho kuyize.
24 Akukho okungcono okungenziwa ngumuntu ngaphandle kokuthi adle, aphuze, aneliseke ngomsebenzi wakhe. Nalokho futhi ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu, 25 ngokuba ngaphandle kwakhe, ngubani ongadla noma athokoze na? 26 Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.

Currently Selected:

UMshumayeli 2: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in