YouVersion Logo
Search Icon

UMshumayeli 10

10
Ukuhlakanipha Nobuwula
1 Izimpukane ezifile
zenza amakha abe nephunga elibi;
kanjalo nobuwula obuncane
buyakwedlula ukuhlakanipha nodumo.
2Inhliziyo yomuntu ohlakaniphile
inamathela kokuhle,
kodwa inhliziyo yesiwula
ibheka kwesobunxele.
3 Ngisho sihamba emgwaqweni
isiwula siveza ubuwula baso,
sitshela bonke ukuthi sona siyisiwula.
4 Uma ulaka lombusi lukuvukela,
uze ungasuki endaweni yakho;
ukuthobeka kulungisa amaphutha amakhulu.
5 Kukhona ububi engibubonile phansi
komthunzi welanga,
bunjengephutha elenziwa ngumbusi:
6 ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo,
abacebile bahlala endaweni ephansi.
7 Ngibone izigqila zigibele amahhashi,
izikhulu zihamba ngezinyawo njengezigqila.
8 Umuntu ombela omunye umgodi
uyokhalakathela kuwo;
nalowo odiliza udonga
uyolunywa yinyoka.
9Omba amatshe ulinyazwa yiwo;
nocanda izinkuni ulinyazwa yizo.
10Uma imbazo ibuthuntu,
umuntu engayilolanga,
usebenzisa amandla amakhulu;
kodwa ukuhlakanipha kuletha ithuba lempumelelo.
11 Uma inyoka iluma ingalunjiwe,
akanalusizo lwalutho umlumbi.
12 Amazwi ohlakaniphileyo amlethela udumo,
kodwa awesiwula ayasibhubhisa.
13 Siwuvula nje umlomo waso
sikhuluma ubuwula,
kuthi ekugcineni inkulumo yaso
ibe ngukuhlanya okubi.
14 Isiwula sikhuluma amagama amaningi,
kodwa akukho muntu owaziyo
ukuthi kuzokwenzekani,
nongasho ukuthi yini
ezolandela uma sesifile?
15Umshikashika weziwula uyazikhandla
zingabe zisayazi indlela eqonde emzini.
16 Maye, kuwe lizwe
elibuswa yinkosi esencane,
izikhulu zakho zizitika ngedili
kusuka ekuseni!
17 Ubusisiwe wena lizwe obuswa yinkosi
evuthiwe nehloniphekile,
izikhulu zakho zizitika ngedili
ngesikhathi esifaneleyo,
ukuze zibe namandla,
hhayi ukuba zidakwe!
18 Ngenxa yobuvila uphahla luyapatalala,
nangenxa yokudembesela izinto
indlu iyanetha.
19 Ukudla kwenzelwe ukwenama,
newayini ukuba kuthakaswe,
imali iyimpendulo yezinto zonke.
20 Ungayiqalekisi inkosi ngisho emcabangweni wakho;
kumbe uqalekise ocebileyo,
ulele ekamelweni lakho;
ngokuba inyoni yezulu
ingase ikuthwale okushilo,
noma yini enamaphiko ingayikhuluma indaba.

Currently Selected:

UMshumayeli 10: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in