YouVersion Logo
Search Icon

IDutheronomi 32

32
Ihubo LikaMose Lokuvalelisa
1 “Lalelani nina mazulu,
ngiyakhuluma;
umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.
2 Isifundiso sami masehle njengemvula,
inkulumo yami iconse njengamazolo,
njengomkhizo otshanini,
nanjengezihlambi ohlazeni,
3 ngokuba ngiyomemezela igama likaSimakade:
ngimnike udumo uNkulunkulu wethu.
4 “Uyidwala,
umsebenzi wakhe uphelele,
zonke izindlela zakhe zingukulunga;
unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala;
ulungile, uqotho Yena.
5 “Bonile kuye;
abaseyibo abantwana bakhe,
ngenxa yesici sabo;
bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.
6 Ngabe nimbonga kanjalo uSimakade, na?
Nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile,
akasiye yini uyihlo anidalwanga nguye
wanenza, wanimisa, na?
7 “Khumbula izinsuku zasendulo,
ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane;
buza kuyihlo,
uyakukulandisa,
nezingwevu zizokutshela.
8 OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo,
lapho ehlukanisela abantwana babantu,
wamisa imingcele yezizwe
ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.
9 Ngokuba isabelo sikaSimakade singabantu bakhe.
UJakobe uyisifunda sefa lakhe.
10 “Wamthola ezweni eliyihlane,
nasoqwathuleni lomkhulungwane kwahlongasibi,
wamzungeza,
wamnakekela,
wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.
11 Njengokhozi lunyakazisa isidleke salo,
lubhakuza phezu kwamaphuphu alo,
welula amaphiko akhe,
wabathatha,
wabathwala ngamaphikho akhe.
12 NguSimakade kuphela owamqondisa,
akukho nkulunkulu wabezizwe onaye.
13 “Wamkhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,
wadla izithelo zamasimu,
wammuncisa uju edwaleni,
namafutha eweni lensengetsha.
14 Wadla izaqheqhe zemihlambi,
ubisi lwezimvu,
amafutha amawundlu,
izinqama zohlobo lwaseBhashani,
izimbuzi,
namanoni kakolo wekhethelo;
waphuza iwayini livela egazini lamagilebhisi.
15 “UJeshuruni wakhuluphala,
wayesekhahlela;
usekhuluphele,
uzimukile,
futhi uchachambile.
Wamshiya uNkulunkulu owamenza,
waledelela iDwala lensindiso yakhe.
16 Bamenza waba nesikhwele
ngonkulunkulu babezizwe,
bamthukuthelisa ngezinengiso.
17 “Bahlabela amadimoni angeyena uNkulunkulu,
nonkulunkulu abangazange babazi,
onkulunkulu abasha,
abasanda kuhlangabezana nabo,
nababengaziwa ngokhokho babo.
18 Walikhohlwa iDwala elakuzalayo,
wamkhohlwa uNkulunkulu owakudalayo.
19 “USimakade wakubona lokho,
wanengwa ngukuchukuluzwa
ngamadodana
namadodakazi akhe.
20 Wathi:
‘Ngizobufihla ubuso bami kubo,
ngibone ukuthi sizoba yini isiphetho sabo;
ngokuba bayisizukulwane esiphambeneyo,
nabantwana okungekho ukwethembeka kubo.
21 Bangenze nganesikhwele ngokungesiye uNkulunkulu,
bangithukuthelisa ngokuyize kwabo;
ngiyobenza babe nesikhwele
ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise
ngesizwe esiyisiwula.
22 Ngokuba umlilo
uphenjwe yintukuthelo yami;
uyabhebhetheka kuze
kube sendaweni yabafileyo engaphansi,
uyaqothula umhlaba nezithelo zawo,
wokhela nezisekelo zezintaba.
23 “ ‘Ngiyonqwabelisa izinhlekelele phezu kwabo
ngibacibe ngemicibisholo yami:
24 bayakuphela amandla yindlala,
baqedwe wubhubhane,
baqothulwe yisifo esibi,
ngibathumele ngezinzawula zezilwane zasendle
ezinesihlungu nezihuquzela othulini, zibalume.
25 Emigwaqweni inkemba iyodla lubi,
emakamelweni kubhoke uvalo:
ezinsizweni nasezintombini,
koncelayo nasempungeni.
26 Ngathi:
“Ngizobavithiza babe yizicucu
ngiqede ukukhunjulwa kwabo
kubantu,”
27 kungenjalo, ngesaba ukuchukuluzwa yisitha,
funa abamelene nabo baqonde, bathi:
“Izandla zethu eziphakamile,
akusiye uSimakade owenze konke lokhu.” ’ ”
28 “Bayisizwe esingenangqondo,
akukho ukuqonda kubo.
29 Uma bebehlakaniphile
bebeyakukuqonda lokhu,
baqonde nesiphetho sabo.
30 Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane,
ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi,
uma idwala labo belingathengisanga ngabo,
uSimakade ebengabanikelanga, na?
31 Impela idwala labo
alifani neDwala lethu;
nezitha zethu ziyakuvuma lokho.
32 Umvini wabo ungumvini waseSodoma
ovela emasimini aseGomora;
izithelo zawo ziwubuthi,
amahlukuzo awo amuncu.
33Iwayini labo liyisihlungu sezinyoka,
lingubuthi bemfezi.
34 Lokho akugciniwe yini kimi,
kwavalelwa ezinqolobaneni zami, na?
35 Impindiselo ingeyami,
nokunxephezela kungokwami,
lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana,
ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele,
izinto abalungiselelwe zona
uyozenza zifike ngokushesha kubo.
36 “USimakade uyobehlulela abantu bakhe,
abe nesihawu ezincekwini zakhe,
lapho ebona ukuthi
amandla abo aphelile,
akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.
37 Uyakuthi: ‘Baphi onkulunkulu babo,
nedwala ababephephela kulo,
38 ababedla amanoni emihlatshelo yabo,
bephuza iwayini lomnikelo wabo
wokuphuzwayo, na?
Mabanisize,
mababe yisiphephelo senu.
39 “ ‘Bonani manje
ukuthi Mina,
yebo, Mina Nginguye,
akekho unkulunkulu ngaphandle kwami;
Mina ngiyabulala,
ngibuye ngiphilise,
ngilimaze,
futhi ngipholise;
akekho ongabahlenga esandleni sami.
40 Ngiphakamisela isandla sami ezulwini,
ngithi: Mina ngiyakuphila
kuze kube phakade.
41 Uma ngilola inkemba yami ebengezelayo,
isandla sami sibambelele ekwehluleleni,
ngiyophenduka ngiphindisele kwabamelene nami,
ngiphindisele kwabangizondayo.’ ”
42 “Imicibisholo yami
ngiyoyidakisa ngegazi,
inkemba yami idle abantu,
ngegazi lababuleweyo nabathunjiweyo,
kuqala enhlokweni yabaholi bezitha.
43 Memezani ngokuthokoza bantu bakhe,
nina zizwe,
ngokuba uyakuliphindiselela
igazi lezinceku zakhe,
aziphindiselele kwabamelene naye,
ahlambulule izwe lakhe nabantu bakhe.”
44 UMose noJoshuwa, indodana kaNuni, wafika wakhuluma wonke amazwi aleli hubo kubantu bonke belalele.
Umyalo KaMose
45UMose eseqedile ukukhuluma wonke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli, 46 wathi kubo: “Agcineni enhliziyweni yenu wonke lawa mazwi enginixwayisa ngawo namuhla, niyale ngawo abantwana benu, ukuze baqikelele ukuwenza wonke amazwi alo mthetho. 47 Ngokuba leli lizwi alisiwo amampunge nje kini, lingukuphila kwenu; ngalawa mazwi niyokwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani, ukuba nilidle.”
48 USimakade wakhuluma kuMose ngokubaluleka kwalolu lusuku, wathi: 49“Khuphukela entabeni i-Abharimi, okuyintaba iNebho kwaMowabi, eqondene neJerikho, ulibuke iKhanani engizakubanika lona abantu bakwa-Israyeli, ukuba libe yifa labo. 50 Uyofela kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuyele kwabakini, njengoba no-Aroni, umfowenu, afela entabeni iHori, wabuyela kwabakubo, 51 ngokuba naphambuka phambi kwabantu bakwa-Israyeli namelana nami ngasemanzini eMeribha eKadeshi, ehlane iZini, lokhu ningangingcwelisanga phambi kwabakwa-Israyeli. 52 Uyakulibona izwe phambi kwakho, kodwa awuyukungena kulo, izwe engibanika lona abantu bakwa-Israyeli.”

Currently Selected:

IDutheronomi 32: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in