YouVersion Logo
Search Icon

IDutheronomi 29

29
Amazwi Esivumelwano SikaSimakade Kwabakwa-Israyeli
1 Nanka amazwi esivumelwano uSimakade amyala ngawo uMose ukuba asenze nabantu bakwa-Israyeli kwaMowabi ngaphandle kwaleso asenza nabo eHorebhe.
2 UMose wababiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uSimakade akwenza eGibhithe nibuka, kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke: 3 izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso nalezo zimangaliso ezinkulu. 4 Kepha uSimakade akaninikanga inhliziyo yokuba nazi, namehlo okuba nibone, nezindlebe zokuba nizwe kuze kube yinamhlanje. 5 Nganihola iminyaka engama-40 ehlane; izingubo zenu aziguganga emizimbeni yenu, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu. 6 Anidlanga sinkwa, aniphuzanga wayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
7 “Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi, inkosi yaseBhashani, baphuma bazolwa nathi, kodwa sabanqoba. 8 Sadla izwe labo, salabela abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, laba yifa labo.
9 “Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.
10“Namuhla nimi nonke phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, izizwana zenu, amalunga enu, izinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli, 11 izingane zenu, omkenu, nomfokazi ophakathi kwezinkambu zakho, kusukela kogawula izinkuni kuya kulowo okha amanzi, 12ukuba ungene esivumelwaneni sikaSimakade uNkulunkulu wakho, nasesifungweni sakhe asenza nawe namuhla uSimakade uNkulunkulu wakho, 13 ukuze azimisele wena namuhla ube yisizwe sakhe, naye abe nguNkulunkulu wakho, njengalokhu asho kuwe, nanjengalokhu afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe. 14Angenzi lesi sivumelwano nalesi sifungo nani kuphela, 15ngisho nalowo omi nathi lapha namuhla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, nalowo ongenathi namuhla 16ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala eGibhithe nokuthi sadlula phakathi kwezizwe enadabula kuzo, 17 nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, zemithi, amatshe, isiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo 18 funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo, 19kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo, azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: ‘Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ngenkani yenhliziyo yami,’ ukuze kuqedwe okuswakemeyo nokomileyo, 20 uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu. 21 USimakade uyakumehlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengazo zonke izivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.
22 “Isizukulwane senu, abantwana benu eniyobazala, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakubona izinhlupheko zaleso sizwe, nobhubhane uSimakade alithele ngalo, 23 lonke izwe lakhona lishiswe ngesibabule nosawoti, akunakutshalwa kulo, akukhuli lutho kulo, akumili lutho oluluhlaza, linjengokubhujiswa kweSodoma neGomora neZebhoyimi okwabhujiswa nguSimakade ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe. 24 Yebo, zonke izizwe ziyothi: ‘USimakade wenzeleni kanje kuleli lizwe na? Kungani ukuvutha kwalolu laka kukukhulu kangaka na?’
25“Kuyothiwa ngalokho: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo asenza nabo mhla ebakhipha eGibhithe, 26bahamba bayokhonza abanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, onkulunkulu ababengabazi, futhi abangahlukaniselwanga bona, 27ngalokho intukuthelo kaSimakade yalivuthela lelo lizwe ukuba alehlisele zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi. 28 USimakade wabadwengula ezweni lakubo ngolaka, ngokufutheka, nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa ngaphandle kwelinye izwe, njenganamuhla.’
29“Izimfihlakalo zingezikaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa okwambuliweyo kungokwethu nozalo lwethu kuze kube phakade ukuba siwenze wonke amazwi alo mthetho.”

Currently Selected:

IDutheronomi 29: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in