YouVersion Logo
Search Icon

U-Amose 8

8
Umbono Wesine: Iqoma Lezithelo Zasehlobo
1INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, ngabona iqoma linezithelo zasehlobo. 2Yathi kimi: “Amose, ubonani na?”
Ngathi: “Iqona elinezithelo zasehlobo.”
USimakade wayesethi kimi: “Isikhathi sokuthalalisa kubantu bami u-Israyeli sesiphelile; angisayukubaxolela. 3Ngalolo lusuku, amaculo asethempelini ayakuba ngawokukhihla isililo, ziyakuba ziningi izidumbu eziyakudindiliza, zilahlwe kuzo zonke izindawo. Thulani!” kusho iNkosi uSimakade.
Ububi Nokungethembeki Kwabahwebi Nokucindezelwa Kwabampofu
4Yizwani lokhu nina eninyathela abantulayo,
niqede nya abasweleyo bezwe,
5nithi:
“Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga
ukuze sithengise ngokusanhlamvu,
kudlule nesabatha
ukuze sithengise ngokolo na?
Senze i-efa libe lincane,
neshekeli libe likhulu,
senze nezilinganiso zenkohliso,
6ukuba kuthengwe abampofu ngesiliva
nabantulayo ngezimbadada,
sithengise nangomuhu wokusanhlamvu.”
7USimakade uzifunge Yena ngenxa yokuziqhenya kukaJakobe, wathi: “Impela angiyukuzikhohlwa nanini izenzo zabo.
8“Umhlaba awuyukuzamazama yini ngenxa yalokho,
balile bonke abahlala kuwo na?
Impela, uyakukhukhumala wonke njengomfula,
uqonge, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe.
9“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini,
ngenze kube mnyama emhlabeni
emini kwabha,” kusho iNkosi uSimakade.
10“Ngiyakuguqula amadili enu abe ngukukhala,
namaculo enu wonke abe yisililo,
ngiyakubhincisa zonke izinkalo zenu
ngendwangu eyisaka,
ngenze amakhanda abe zimpandla,
kube njengokulilela indodana eyodwa,
ukuphela kwalokho
kuyakufana nosuku olunomunyu.”
Indlala Yezwi LikaNkulunkulu
11“Niyabona-ke, ziyeza izinsuku,
lapho ngiyakuthumela indlala ezweni,
hhayi indlala yesinkwa,
hhayi eyokomela amanzi,
kodwa indlala yokuzwa amazwi kaSimakade,” kusho uSimakade.
12“Abantu bayodiyazela kusuka olwandle kuya olwandle,
behla benyuka kusukela enyakatho kuya empumalanga,
bazulazule befuna izwi likaSimakade,
kodwa abayukulifumana.
13“Ngalolo lusuku izintombi ezinhle
nezinsizwa ziyakuquleka ngenxa yokoma.
14Labo abafunga icala laseSamariya, bathi:
‘Ngokuphila konkulunkulu bakho, Dani,’
nokuthi: ‘Ngokuphila kwendlela eBheri Sheba,’
bayakuwa, bangaphinde bavuke.”

Currently Selected:

U-Amose 8: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in