YouVersion Logo
Search Icon

U-Amose 3

3
Isizathu SikaSimakade Sokujezisa U-Israyeli
1Yizwani leli lizwi uSimakade alikhulume ngani bantu bakwa-Israyeli, nangawo wonke umndeni awukhipha eGibhithe, uthi:
2“Ngaze nina kuphela
emindenini yonke yomhlaba;
ngakho-ke ngiyakunijezisa
ngenxa yabo bonke ububi benu.”
3Bangahambisana yini abantu ababili
uma bengavumelananga na?
4Ibhubesi lingabhodla yini ehlathini
uma lingabambe nyamazane na?
Ibhongo lengonyama lingagwavuma yini
uma lingabambe lutho na?
5Inyoni ingawela yini ogibeni olusemhlabathini
uma kungekho ecushwe ngakho na?
Unoxhaka ungazisukela yini emhlabathini
uma impela ungabambe lutho na?
6Lingabethwa yini icilongo emzini
qede abantu bangathuthumeli na?
Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele
uma engayenzanga uSimakade na?
7Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho
ingayambulanga imfihlakalo yayo
ezincekwini zayo abaphrofethi.
8Ingonyama ibhongile,
pho ngubani ongayukwesaba na?
INkosi uSimakade ikhulumile,
pho ngubani ongayukuphrofetha na?
Ukujeziswa KweSamariya
9Memezelani ezinqabeni e-Ashidodi,
nasezinqabeni eGibhithe, nithi:
“Qoqanani ezintabeni eSamariya,
nibone inxushunxushu enkulu
nokucindezelwa okuphakathi kulo.”
10“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” kusho uSimakade.
“Banqwabelela ubudlova nempango ezinqabeni zabo.”
11Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade ithi:
“Isitha siyakulihaqa izwe,
sibhidlize izinqaba zenu,
siphange nezigodlo zenu.”
12Usho kanje uSimakade uthi:
“Njengomelusi ekhulula emlonyeni wengonyama
imilenze emibili noma ingxenye yendlebe,
bayakukhululwa kanjalo abantu bakwa-Israyeli,
abahlala eSamariya ezihlalweni ezinofonofo
ezembozwe ngosilika.”
13“Lalelani, nixwayise indlu kaJakobe,” kusho iNkosi uSimakade, uNkulunkulu Wamabandla.
14“Ngokuba mhla ngimjezisa u-Israyeli
ngeziphambeko zakhe,
ngiyakudiliza nama-althare eBhethele,
nginqume nezimpondo ze-althare,
ziwele phansi.
15Ngiyakubhidliza indlu yasebusika neyasehlobo,
kushabalale izindlu ezihlotshiswe ngophondo lwendlovu,
kudilike izindlu eziningi,” kusho uSimakade.

Currently Selected:

U-Amose 3: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in