YouVersion Logo
Search Icon

IZenzo 14

14
UPawula Ushumayela E-Ikhoniyu
1 Kwathi sebese-Ikhoniya bangena esinagogeni sabaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGriki. 2 Kepha abaJuda abangakholwanga, bavukuza bazithukuthelisa bazenza zaba zimbi izinhliziyo zabezizwe ngabazalwane. 3 Nokho-ke, bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ngokubanika ukuba benze izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo. 4Kepha uquqaba lomuzi lwalwehlukene phakathi, abanye babemi nabaJuda, abanye nabaphostoli. 5 Kwase kuba khona imizamo ngabaJuda kanye nababusi yokuba babaphathe kabi nokubakhanda ngamatshe. 6 Sebekwazi lokho, babalekela emizini eLikhawoniya, iListra, eDerbe nasezweni langakhona. 7Bashumayela ivangeli lapho.
UPawula Ushumayela EListra
8 EListra kwakuhleli indoda eyayikhubazeke ngezinyawo; iyisishosha kwasesizalweni sikanina; ingakaze ihambe nakanye. 9 Yezwa uPawula ekhuluma, owayigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuthi ingabuye iphile, 10wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho, uqonde.”
Yagxuma, yahamba.
11 Kwathi lapho izixuku zibone lokho akwenzile uPawula, zaphakamisa izwi lazo zathi ngesiLikhawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu, behlele kithi.”
12UBharnabha bambiza ngokuthi nguZeyusi, uPawula bambiza ngoHermesi, ngokuba nguye yedwa owayehola ekukhulumeni. 13Kwasuka umphristi kaZeyusi, othempeli lakhe lalingaphandle komuzi, waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasesangweni lomuzi, ekanye nezixuku, efuna ukubahlabela.
14Kepha bathi ukuba abaphostoli, uBharnabha noPawula, bezwe ngalokhu, baklebhula izingubo zabo, baphuthuma esixukwini, bamemeza, 15 bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho, 16 othe ezizukulwaneni ezidlulileyo, waziyeka izizwe zonke ukuba zihambe ngezindlela zazo. 17 Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”
18Nangakho lokhu abakushoyo, kwaba nzima ukuyekisa izixuku ukuba zingabahlabeli.
UPawula Ushumayela E-Antiyokhiya
19 Kepha kwafika abaJuda ababevela e-Antiyokhiya nase-Ikhoniyu, sebezizuzile izixuku zaba ngakubo, bamkhanda uPawula ngamatshe, base bemhudulela ngaphandle komuzi, becabanga ukuthi ufile. 20Abafundi sebemngungile, wavuka wangena emzini. Ngakusasa wahamba noBharnabha, baya eDerbe.
21Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bazuza abafundi abaningi, base bebuyela eListra, nase-Ikhoniyu nase-Antiyokhiya, 22 beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”
23 Sebebakhethele amalunga amabandla ezindaweni ababekuzo, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini abasebekholwa yiyo. 24 Basuka lapho badabula ePhisidiya, baya ePhamfiliya. 25Kwathi sebelikhulumile izwi ePherge, behlela e-Athaliya. 26 Basuka lapho bantweza ngomkhumbi, baya e-Antiyokhiya, lapho banikelwa khona emseni kaNkulunkulu ngomsebenzi abase bewufezile. 27 Ekufikeni kwabo, baliqoqa ibandla, balilandisa ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo, nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa. 28Base behlala nabafundi isikhathi esijana.

Currently Selected:

IZenzo 14: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in