YouVersion Logo
Search Icon

2 KuThimothewu 4

4
UThimothewu Uyalwa Ukuba Aqine
1 Ngiyakuyala ngokweqiniso phambi kukaNkulunkulu noKhristu uJesu oyakwehlulela abaphilayo nabafileyo, ngokubonakala kwakhe nangombuso wakhe, ngithi: 2 shumayela izwi, ulungele ukulishumayela, noma kuyisikhathi noma kungesiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa. 3 Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo. 4 Bayakufulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni. 5 Kepha wena zithibe ezintweni zonke, ubekezele ebunzimeni, wenze umsebenzi womvangeli, futhi uwufeze umsebenzi wakho ngokupheleleyo.
UPawula Uyisibonelo Sokulwa Okuhle
6 Ngokuba mina sengivele ngiyanikelwa, nesikhathi sokumuka sesifikile. 7 Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiliqedile ibanga, ngikugcinile ukukholwa; 8 manje sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo lusuku iNkosi, umehluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kodwa bonke abakuthandile ukubonakala kwayo.
UPawula Ucela UThimothewu Ukuba Eze Kuye
9 Phangisa uze kimi ngokushesha. 10 Ngokuba uDema wangishiya waya eThesalonikha ngenxa yokuthanda leli lizwe lamanje. UKhreske waya eGalathiya, uThithu waya eDalmathiya; 11 uLuka nguye kuphela onami. Ubokuza noMakhu, ngokuba uwusizo kimi emsebenzini. 12 UThikhiku ngimthume e-Efesu. 13 Ijazi engalishiya eThrowa kuKharphu uboliphatha uma uza lapha, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.
14 U-Aleksandru, umkhandi wethusi, wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakuphindesela kuye ngokwemisebenzi yakhe. 15Nawe-ke umxwaye, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.
16 Ekuziphenduleleni kwami kokuqala, kwakungekho noyedwa owayengakimi, kodwa bonke bangihlamuka; sengathi lokho kungebalelwe kubo. 17 Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama. 18 INkosi iyakungihlenga kuyo yonke imisebenzi emibi, ingivikele, ngize ngifinyelele embusweni wayo ezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade.
Isivaleliso
19 Khonza kuPhriska, ku-Akhwila nakwabendlu ka-Onesiforu. 20 U-Erastu wasala eKhorinte, kodwa uThrofimu ngamshiya egula eMilethu. 21 Phangisa uze lapha, bungakangeni ubusika. Bayakhonza o-Ewubulu, uPhude, uLinu, uKlawudiya nabo bonke abazalwane.
22INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa ube nani.

Currently Selected:

2 KuThimothewu 4: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in