YouVersion Logo
Search Icon

2 USamuweli 3

3
1 Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke.
Amadodana KaDavide
2 UDavide ngesikhathi eseHebhroni, omkakhe bamzalela amadodana; izibulo lakhe kwakungu-Amnoni, ezalwa ngu-Ahinohama waseJizreyeli. 3 Eyesebili kwaba nguKhileyabhi ku-Abhigayili, umkaNabali waseKharimeli. Eyesithathu kwaba ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri. 4 Eyesine kwaba ngu-Adoniya, indodana kaHagithi; eyesihlanu kwaba nguShefathiya, indodana ka-Abhithali. 5Eyesithupha kwaba ngu-Ireyamu, ezalwa ngu-Egila, umkaDavide. Wonke lawo madodana kaDavide azalelwa eHebhroni.
Isivumelwano SikaDavide No-Abhineri
6Ngesikhathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abhineri wayekhulisa amandla akhe endlini kaSawule. 7 USawule wayenesancinza, igama laso kunguRizpha, indodakazi ka-Ayiya. U-Ishi Bhoshethi wathi ku-Abhineri: “Usingeneleni isancinza sikababa na?”
8 Lawo mazwi ka-Ishi Bhoshethi amthukuthelisa kakhulu u-Abhineri, wayesethi: “Kanti mina ngiyikhanda lenja kuJuda yini na? Kuze kube namuhla, ngisalokhu ngikhombisa ukwethembeka kwabendlu kayihlo uSawule, kubafowabo nakubangani bakhe, angikaze ngikunikele esandleni sikaDavide. Manje usungibeka icala ngalo wesifazane! 9 UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye, 10 ukuba kuthathwe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide, phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.”
11U-Ishi Bhoshethi akazange amphendule futhi u-Abhineri nangelilodwa izwi, ngoba wayemesaba.
12U-Abhineri wathumela izithunywa esikhundleni sakhe kuDavide, zayothi kuye: “Ngelikabani leli lizwe na? Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukuba ngimlethe kuwe wonke u-Israyeli.”
13 Wathi: “Kulungile, ngizokwenza isivumelwano nawe, kodwa kunento eyodwa nje engiyifuna kuwe: ukuba ungalokothi uvele phambi kwami uma ungalethi uMikhali, indodakazi kaSawule, ngesikhathi uzongibona.”
14 UDavide wathumela izithunywa ku-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wathi: “Nginike umkami uMikhali, engamkhokhela ngamajwabu amaFilisti ayikhulu.”
15 U-Ishi Bhoshethi wathumela ukuba ayolandwa kumyeni wakhe uPhalithiyeli, indodana kaLayishi. 16 Umyeni wakhe wahamba naye, ekhala emlandela, waze wayofika eBhahurimi. U-Abhineri wayesethi kuye: “Hamba, phindela ekhaya!”
Wenza kanjalo, wabuyela emuva.
17 U-Abhineri wakhuluma namalunga akwa-Israyeli, wathi: “Ngesikhathi esidlulileyo benifuna ukuba uDavide abe yinkosi yenu, anibuse. 18 Manje-ke yenzani lokho, ngokuba uSimakade ukhulumile kuDavide, wathi: ‘Ngenceku yami uDavide, ngiyobasindisa abantu bami, u-Israyeli, emandleni amaFilisti nakuzo zonke izitha zabo.’ ”
19 U-Abhineri wakhuluma futhi nabakwaBhenjamini; wayesuka eyotshela uDavide eHebhroni ngakho konke okuhle u-Israyeli nabo bonke abendlu yakwaBhenjamini ababezimisele ukukwenza.
20U-Abhineri wafika kuDavide eHebhroni namadoda angama-20. UDavide wamenzela idili u-Abhineri namadoda ayenawo. 21 U-Abhineri wathi kuDavide: “Mangihambe ngiyoqoqa wonke u-Israyeli eze enkosini yami, inkosi, ukuze enze isivumelwano nawe, ubuse phezu kwakho konke njengalokhu kufisa inhliziyo yakho.”
UDavide wamkhulula u-Abhineri, wahamba ngokuthula.
UJowabe Ubulala U-Abhineri
22 Khona lapho, kwafika izinceku zikaDavide noJowabe zibuya kohlasela, ziphethe impango eningi. U-Abhineri wayesesukile kuDavide eHebhroni, kwazise wayesemhambise ngokuthula. 23Esefikile uJowabe nawo wonke amabutho ayehambe nawo, bamtshela uJowabe, bathi: “U-Abhineri, indodana kaNeri, ubeze enkosini, inkosi imdedele, wahamba ngokuthula.”
24UJowabe waya enkosini wathi kuyo: “Ukwenzeleni lokhu na? Bheka, u-Abhineri ubefikile kuwe; umyekeleni wahamba ngokuthula na? 25 Uyazi ukuthi u-Abhineri, indodana kaNeri, ubeze ukuzokukhohlisa, nokwazi ukuphuma nokungena kwakho, nokuthi akwazi konke okwenzayo.”
26UJowabe, esephumile phambi kukaDavide, wathumela izithunywa emva kuka-Abhineri, zambuyisa esengasemthonjeni eSira, kodwa uDavide wayengazi ngalokho. 27 U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
28Kwathi kamuva uDavide wakuzwa lokho, wathi: “Mina nombuso wami asinacala kuSimakade kuze kube phakade ngegazi lika-Abhineri, indodana kaNeri. 29 Igazi lakhe malibe phezu kwekhanda likaJowabe nakubo bonke abendlu kayise: makungahlali kungekho endlini yakhe ocucuzayo, onochoko, ozimelelayo ngodondolo, ofa ngenkemba, noswela isinkwa.”
30 UJowabe no-Abhishayi, umfowabo, bambulala u-Abhineri, ngoba wayebulele umfowabo, u-Asaheli, empini eGibheyoni.
Ukungcwatshwa Kuka-Abhineri
31 UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababenaye: “Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu eyisaka, nilile phambi kuka-Abhineri.”
Inkosi uDavide yalandela uhlaka. 32U-Abhineri wangcwatshwa eHebhroni. Inkosi yadazuluka, yakhala ngasethuneni lika-Abhineri, nabantu bonke bakhala.
33 Inkosi yamlilela u-Abhineri, yathi:
“U-Abhineri ubengafa njengokufa kwesiwula na?
34Izandla zakho bezingaboshiwe,
izinyawo zakho zingafakwanga maketanga,
uwe njengomuntu owa phambi kwezikhohlakali.”
Bonke abantu baphinda bamkhalela.
35 Abantu bonke bafika bamncenga uDavide ukuba adle isinkwa kusesemini, kodwa uDavide wafunga wathi: “Makenze kanjalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”
36Bonke abantu bakubona lokho, kwaba kuhle emehlweni abo, konke eyakwenzayo inkosi kwathandeka kubo bonke abantu. 37Ngalolo lusuku bonke abantu nawo wonke u-Israyeli bakuqonda ukuthi inkosi yayingenasandla ekubulaweni kuka-Abhineri, indodana kaNeri.
38Inkosi yathi ezincekwini zayo: “Anazi yini ukuthi kufe umholi nomuntu omkhulu kwa-Israyeli namuhla na? 39 Nami ngibuthakathaka namuhla nakuba ngigcotshiwe ukuba ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaZeruya, abalawuleki; uSimakade makaphindisele kulowo owenza okubi njengokwenza kwakhe okubi.”

Currently Selected:

2 USamuweli 3: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in