2 AMakhosi 8
8
Iminyaka Eyisikhombisa Yendlala
1 U-Elisha wayekhulume kowesifazane ayevuse indodana yakhe yaphila, wathi: “Suka uhambe nabendlu yakini, uyohlala lapho ungahlala khona, ngokuba uSimakade ubikezele ukuthi kuzokuba nendlala ezohlasela izwe iminyaka eyisikhombisa.”
2Owesifazane wasuka, wenza njengezwi lomuntu kaNkulunkulu, wahamba nabendlu yakhe, wayogogobala ezweni lamaFilisti iminyaka eyisikhombisa.
3Kwathi isiphelile iminyaka eyisikhombisa, owesifazane wabuya ezweni lamaFilisti. Wahamba wayozikhalela, ecela usizo enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe. 4 Inkosi yakhuluma noGehazi, inceku yomuntu kaNkulunkulu, yathi: “Ake ungilandise ngazo zonke izinto ezinkulu azenzileyo u-Elisha.”
5Esayilandisa inkosi ukuthi wavusa ofileyo, owesifazane, ondodana yakhe ayeyivusile, wakhala ecela usizo enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe. Wayesethi uGehazi: “Nkosi yami, nkosi, nguye lo wesifazane; yiyo le indodana yakhe u-Elisha ayivusayo yaphila.”
6Inkosi yambuza owesifazane, wayilandisa. Inkosi yayisiqoka induna, yathi kuyo: “Buyisela konke okwakungokwalo wesifazane, zonke izithelo zensimu kusukela ngosuku alishiya ngalo leli lizwe kuze kube namuhla.”
UHazayeli Uyinkosi E-Aramu
7 U-Elisha waya eDamaseku ngesikhathi uBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu idunguzela; yabikelwa ukuthi: “Umuntu kaNkulunkulu ufikile lapha.”
8 Inkosi yayisithi kuHazayeli: “Thatha isipho, uhambe uyomhlangabeza umuntu kaNkulunkulu. Ubuze kuSimakade uthi: ‘Ngizosinda yini kulesi sifo na?’ ”
9 UHazayeli wayesehamba wayomhlangabeza, wathatha izipho nazo zonke izinto ezinhle eDamaseku; imithwalo yamakameli angama-40. Wafika wema phambi kuka-Elisha, wathi kuye: “Indodana yakho uBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu, ingithume kuwe, yathi: ‘Ngabe ngizosinda yini kulesi sifo na?’ ”
10 U-Elisha, wathi kuye: “Hamba uthi kuye: ‘Uyakusinda nokusinda, kodwa uSimakade ungibonisile ukuthi uyakufa nokufa.’ ”
11 Wamgqolozela uHazayeli, waze waba namahloni. Umuntu kaNkulunkulu wayeseqhumuka wakhala.
12 UHazayeli wathi: “Ngabe inkosi yami ikhalelani na?”
Yathi: “Kungenxa yokuthi ngiyakwazi ozokwenza kubantu bakwa-Israyeli; uyakubalimaza, uthungele ngomlilo izinqaba zabo, ubulale ngenkemba izinsizwa zabo, uphahlaze izingane zabo, uqhaqhe abesifazane bakhona abazethwele.”
13 UHazayeli wathi: “Kodwa ibiyini inceku yakho, iyinja nje; ingakwenza kanjani lokhu okukhulu kangaka na?”
Wathi u-Elisha: “USimakade ungibonisile ukuthi uzokuba yinkosi e-Aramu.”
14 Wayesesuka ku-Elisha, wabuyela enkosini yakhe, yathi kuye: “Utheni kuwe u-Elisha na?”
Wathi: “Uthe, wena uyakusinda nokusinda.”
15Kwathi ngakusasa wathatha indwangu yokwemboza, wayicwilisa emanzini, wamboza ubuso benkosi yaze yafa. UHazayeli waba yinkosi esikhundleni sayo.
UJehoramu Uyinkosi KwaJuda
16 Ngonyaka wesihlanu wokubusa kukaJoramu, indodana ka-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, uJehoramu, indodana kaJehoshafathi, waba yinkosi kwaJuda. 17 Wayeneminyaka engama-32 ngesikhathi eqala ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. 18 Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, njengalokhu kwenza indlu ka-Ahabi, kwazise wayeganwe yindodakazi yakhe u-Ahabi. Wenza okubi emehlweni kaSimakade. 19 USimakade wayengathandi ukumbhubhisa uJuda ngenxa kaDavide, inceku yakhe, nanjengokuba ayeshilo kuye ukuthi uyakumnika yena nezizukulwane zakhe isibani izinsuku zonke.
20 Emihleni yakhe abakwa-Edomi bahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda, bazibekela inkosi. 21 UJoramu wawelela eSayiri nazo zonke izinqola zakhe. Waphuma ebusuku, wabhubhisa abakwa-Edomi ababemzungeze nhlangothi zonke, nezinduna zezinqola. Kepha abantu babalekela emathendeni abo. 22 Abakwa-Edomi base behlubuka-ke phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla. Kwahlubuka futhi neLibhina ngaso leso sikhathi.
23Ezinye izindaba zikaJoramu, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 24 UJoramu wayeselaliswa kokhokho bakhe, wembelwa koyisemkhulu emzini kaDavide; u-Ahaziya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
U-Ahaziya Uyinkosi KwaJuda
25 Ngonyaka we-12 wokubusa kukaJoramu, indodana ka-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, u-Ahaziya, indodana kaJehoramu, waba yinkosi kwaJuda. 26Wayeneminyaka engama-22 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa unyaka eJerusalema. Igama likanina kwakungu-Athaliya, indodakazi ka-Omri, inkosi yakwa-Israyeli. 27Wahamba ngendlela yendlu ka-Ahabi, wenza okubi emehlweni kaSimakade njengendlu ka-Ahabi; wayengumkhwenyana wendlu ka-Ahabi.
28 Wahamba noJoramu, indodana ka-Ahabi, bayokulwa noHazayeli, inkosi yase-Aramu, eRamothi Gileyadi. Abase-Aramu bamlimaza uJoramu. 29 Inkosi uJoramu yabuyela eJizreyeli ukuze kuphole amanxeba eyayiwathole empini yaseRama nabase-Aramu, ngesikhathi belwa noHazayeli, inkosi yabo. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukuyobona uJoramu, indodana ka-Ahabi, eJizreyeli, ngokuba wayelimele.
Currently Selected:
2 AMakhosi 8: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.