2 AMakhosi 5
5
U-Elisha Uphulukisa UNahamani Ochokweni
1UNahamani, umkhuzi wempi yenkosi yase-Aramu, wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uSimakade wayenze ukuba i-Aramu linqobe ngaye, futhi wayeyiqhawe elinamandla, kodwa wayenochoko.
2 Ama-Aramu ayephume ngamaviyo ukuyophanga, abuya kwa-Israyeli nentombazana encane eyayiyincekukazi yomkaNahamani. 3Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi inkosi yami ingaya phambi komphrofethi oseSamariya, khona eyakuyiphilisa ochokweni lwayo.”
4Yangena, yatshela inkosi yayo yathi: “Intombazana yakwa-Israyeli yasho ukuthi nokuthi.”
5 Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Hamba uye khona; ngizakuthumela incwadi enkosini yakwa-Israyeli.”
Wahamba, wathatha amathalenta esiliva alishumi nezinhlamvu zegolide eziyizi-6 000, nezingubo ezilishumi zokuphendulela. 6 Waletha incwadi enkosini yakwa-Israyeli, ethi: “Manje, lapho le ncwadi ifika kuwe, yazi ukuthi ngithumele kuwe uNahamani, inceku yami, ukuba umphilise ochokweni lwakhe.”
7 Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukuba ngimphilise ochokweni lwakhe na? Ake niqonde, nibone ukuthi ufuna ithuba lokulwa nami.”
8 Kwathi ukuba u-Elisha, umuntu kaNkulunkulu, ezwe ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iziklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uziklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, yikhona ezokwazi ukuthi kukhona umphrofethi kwa-Israyeli.”
9Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe, wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha. 10 U-Elisha wathumela isithunywa kuye, wathi: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; inyama yakho izobuyela esimweni sayo, uhlambuluke.”
11Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Mina bengithi impela uzophuma eze kimi, ame abize igama likaSimakade, uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphulukise onochoko. 12I-Abhana neFariphari, imifula eseDamaseku, ayingcono yini kunawo wonke amanzi akwa-Israyeli na? Bengingegeze yini kuyo, ngihlambuluke na?”
Wayesephenduka, wahamba ethukuthele.
13 Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: “Baba, ukuba umphrofethi ubekhulume kuwe into enkulu, ngabe ungayenzanga yini na? Kakhulu kangakanani-ke, uma ethi kuwe: ‘Geza, uhlambuluke’ na?”
14 Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengokusho komuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.
15 Wayesebuyela kumuntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Uyabona-ke, sengiyazi ukuthi akekho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kodwa kwa-Israyeli kuphela, ngakho-ke ake wamukele isipho encekwini yakho.”
16 Kepha, wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, angiyukwamukela lutho.”
Wamncenga ukuba asamukele, kodwa wenqaba.
17 Wayesethi uNahamani: “Uma kungenjalo, inceku yakho mayinikwe umthwalo weminyuzi emibili womhlabathi, ngokuba inceku yakho ayisayukunikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu, kodwa kuSimakade kuphela. 18 Kulokhu uSimakade makayithethelele inceku yakho lapho inkosi yami ingena endlini kaRimoni ukuyokhuleka khona, yencike esandleni sami, nami ngiguqe endlini kaRimoni; lapho ngiguqa endlini kaRimoni, uSimakade makayithethelele inceku yakho kulokho.”
19 Wathi kuye: “Hamba ngokuthula.”
Wahamba, wasuka kuye ibangana.
Isono SikaGehazi Nokujeziswa Kwakhe
20 Kepha uGehazi, inceku ka-Elisha, umuntu kaNkulunkulu, wathi: “Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani, lo wase-Aramu, ngokungemukeli ezandleni zakhe akulethayo; ngifunga ngiyagomela kuSimakade, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe noma yini kuye.”
21UGehazi wamlandela uNahamani. UNahamani wambona umuntu owayegijima emva kwakhe, wehlika enqoleni wamhlangabeza, wathi: “Nisahlezi kahle yini na?”
22 Wathi: “Sisahlezi kahle. Inkosi yami ingithumile, ukuba ngithi: ‘Manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zivela kwelezintaba kwa-Efrayimi, emadodaneni abaphrofethi; ake uzinike ithalenta lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.’ ”
23 UNahamani wathi: “Vuma ukwamukela amathalenta amabili.”
Wamncenga, wabopha amathalenta amabili esiliva emigodleni emibili nezingubo ezimbili zokuphendulela, wakunika izinceku zakhe ezimbili; zakuthwala phambi kwakhe. 24 Esefikile egqumeni wakuthatha esandleni sazo, wakubeka endlini, wabavumela abantu ukuba basuke, bahambe. 25 Kepha yena wangena, wema phambi kwenkosi yakhe. U-Elisha wathi kuye: “Uvelaphi, Gehazi?”
Wathi: “Inceku yakho ayiyanga ndawo.”
26 Wayesethi: “Inhliziyo yami ibingenawe yini lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza na? Yiso yini isikhathi sokwamukela izingubo, iminqumo, izivini, izimvu, izinkomo, izinceku, nezincekukazi na? 27Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasozalweni lwakho kuze kube phakade.”
Wayesephuma phambi kwakhe enochoko, esemhlophe njengeqhwa.
Currently Selected:
2 AMakhosi 5: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.