YouVersion Logo
Search Icon

2 AMakhosi 14

14
U-Amaziya Uyinkosi KwaJuda
1 Ngonyaka wesibili wokubusa kukaJowashi, indodana kaJehowahazi, kwa-Israyeli, u-Amaziya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi. 2Wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eqala ukubusa, wabusa iminyaka engama-29 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJehoyadini waseJerusalema. 3 Wenza okuhle emehlweni kaSimakade, nokho akazange afane nokhokho wakhe uDavide. Kukho konke ukwenza kwakhe, wenza njengalokho kwenza uyise uJowashi. 4 Akazibhidlizanga izindawo eziphakemeyo abantu ababenikela benze imihlatshelo kuzo.
5 Kwathi lapho umbuso usuzinzile esandleni sakhe, wabulala izinceku ezazibulale uyise, inkosi. 6 Kepha akawabulalanga amadodana ababulali, njengalokhu kulotshiwe encwadini yomthetho kaMose; ngokomyalo kaSimakade, othi: “Abazali abayukubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayukubulawa ngenxa yabazali, kodwa yilowo nalowo uyobulawelwa izono zakhe.”
7 Wabulala izi-10 000 zabakwa-Edomi eSigodini Sikasawoti, wadla iSela; wayeseliqamba kabusha ethi yiJokitheyeli, okuyigama lalo kuze kube namuhla.
8 U-Amaziya wathumela izithunywa kuJehowashi, indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibukane mahlanze.”
9 UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, yathumela ku-Amaziya, inkosi yakwaJuda, ithi: “Isihlahla somkhaya eLebhanoni sathumela kwesomsedari naso esiseLebhanoni, sathi kuso: ‘Ganisela indodana yami, indodakazi yakho, ibe ngumkayo.’
“Kwase kwedlula isilwane sasendle eLebhanoni, sasifihliza isihlahla somkhaya. 10 Umnqobile impela u-Edomi; inhliziyo yakho isiqhoshile; dumiseka ngalokho, uhlale ekhaya. Kungani ufuna uthuthuva, bese uwa, wena noJuda wonkana na?”
11 Kepha u-Amaziya akalalelanga. UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wenyuka, base betholana phezulu no-Amaziya, inkosi yakwaJuda, eBhethi Shemeshi lakwaJuda. 12 UJuda wanqotshwa ngu-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe. 13 UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, yambamba u-Amaziya, inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi ka-Ahaziya, eBhethi Shemeshi. UJehowashi weza eJerusalema, wabhidliza ugange lwakhona kusukela esangweni kwa-Efrayimi kuze kube sesangweni iGumbi; kwaba yisikhala esingamakhubhithi angama-400. 14 Waphanga lonke igolide, isiliva, nazo zonke izitsha azithola endlini kaSimakade nasengcebeni yesigodlo senkosi kanye nababeyisibambiso, wayesebuyela eSamariya.
15 Ezinye izindaba zikaJehowashi azenzayo, amandla akhe, impi yakhe no-Amasiya inkosi yakwaJuda, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 16UJehowashi walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli; uJerobhowamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Ukukhothama Kuka-Amaziya
17 U-Amaziya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, waphila iminyaka eli-15 emva kokukhothama kukaJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli. 18Ezinye izindaba zika-Amaziya azilotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
19 Abantu bamakhela uzungu eJerusalema, wayesebalekela eLakhishi, kodwa bathumela eLakhishi emva kwakhe, bambulalela khona. 20Bamthwala ngamahhashi, wembelwa kokhokho bakhe, eJerusalema emzini kaDavide.
21 Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eli-16, bambeka waba yinkosi esikhundleni sikayise, u-Amaziya. 22 Wakha kabusha i-Elathi, wayeselibuyisela kuJuda emva kokuba inkosi isingcwatshwe kokhokho bayo.
UJerobhowamu Uyinkosi Kwa-Israyeli ESamariya
23Ngonyaka we-15 wokubusa kuka-Amaziya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobhowamu, indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya; wabusa iminyaka engama-41. 24 Wenza okubi emehlweni kaSimakade, akazange asuke nakwesisodwa sezono zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli. 25 Wabuyisela umngcele wakwa-Israyeli kusuka eLibho Hamathi kuze kube solwandle i-Araba, njengokusho kwezwi likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli alikhuluma ngomlomo wenceku yakhe, uJona, indodana ka-Amithayi, umphrofethi waseGathi Heferi.
26 USimakade wakubona ukuhlupheka kuka-Israyeli, kwamunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla; kwakungekho ongamsiza u-Israyeli. 27 USimakade wayengashongo yini ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kodwa wabasindisa ngesandla sikaJerobhowamu, indodana kaJowashi na?
28 Ezinye izindaba zikaJerobhowamu, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, nokulwa kwakhe, nokubuyisela kwakhe ku-Israyeli iDamaseku neHamathi elalingelakwaJuda, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 29 UJerobhowamu walaliswa kokhokho bakhe, amakhosi abakwa-Israyeli; uZakhariya waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Currently Selected:

2 AMakhosi 14: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in