YouVersion Logo
Search Icon

2 IZikhronike 7

7
Umlilo Owehla Ezulwini
1 Kwathi lapho uSolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu. 2Abaphristi abakwazanga ukungena endlini kaSimakade, ngokuba inkazimulo kaSimakade yayiyigcwalisile indlu kaSimakade. 3 Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaSimakade iphezu kwendlu, bakhothama bathi mbo ngobuso emhlabathini, phezu kwendawo eyayigandayiwe, bakhuleka, bambonga uSimakade, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade. 4 Inkosi nabo bonke abantu banikela ngomhlatshelo phambi kukaSimakade. 5Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizi-22 000, nezimvu eziyizi-120 000. Inkosi nabo bonke abakwa-Israyeli, bayibusisa kanjalo-ke indlu kaNkulunkulu. 6 Abaphristi nabaLevi bema ngokwezikhundla zabo, bephethe izinto ezishaywayo ezazenziwe nguDavide, inkosi, ukuba babonge uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngesikhathi uDavide edumisa ngezandla zabo; abaphristi babeshaya amacilongo phambi kwabo, wonke u-Israyeli wayemile.
7 USolomoni wangcwelisa ingaphakathi legceke elaliphambi kwendlu kaSimakade, wanikela lapho ngeminikelo yokushiswa namanoni eminikelo yokuthula, ngokuba i-althare lethusi ayelenzile uSolomoni lalingeke lanele ukwenzela umnikelo wokushiswa, owokusanhlamvu namanoni.
8 Ngaleso sikhathi uSolomoni wagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa, wonke u-Israyeli enaye, eyibandla elikhulu kakhulu, kusukela eLebo Hamathi kuze kube semfuleni eGibhithe. 9 Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili benza umhlangano ozothileyo ngokuba begcinile ukubusiswa kwe-althare izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa. 10Ngosuku lwama-23 lwenyanga yesikhombisa, uSolomoni wabamukisa abantu ukuba baphindele emathendeni abo. Babethokoza benezinhliziyo ezenamileyo ngobuhle uSimakade ayebenzele uDavide, uSolomoni no-Israyeli abantu bakhe.
UNkulunkulu Ubonakala Okwesibili KuSolomoni
11 USolomoni waqeda ukwakha indlu kaSimakade nesigodlo senkosi; konke ayekufisa enhliziyweni yakhe ukuba akwenze endlini kaSimakade nasesigodlweni sakhe, waphumelela ukukwenza. 12 USimakade wabonakala kuSolomoni ebusuku, wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngiyikhethile le ndawo ukuba ibe ngeyami, ibe yindlu yomhlatshelo.
13 “Uma ngivala izulu, imvula ingani, noma ngiyala isikhonyane ukuba sidle okusezweni, noma ngithumela ubhubhane kubantu bami, 14 bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ngisezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo. 15 Manje amehlo ami ayakuvuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo. 16Le ndlu ngiyiqokile ngayingcwelisa ukuba igama lami libe kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba kuyo njalo.
17“Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengoba kuhambe uDavide, uyihlo, ukwenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso nezehlulelo zami, 18 ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho njengoba ngenza kuDavide, uyihlo, ngathi: ‘Akuseyukwesweleka umuntu ovela kuwe ukuba abe ngumbusi kwa-Israyeli.’
19 “Kepha uma ningifulathela, nilahle izimiso zami nemiyalo yami engikubeke phambi kwenu, nihambe niyokhonza abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, 20 ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona, nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla, isuke phambi kwami, ngiyenze isaga nesifengqo phakathi kwabantu bonke. 21 Le ndlu ephakeme kangaka, kuyothi bonke abedlula ngakuyo bakhexe imilomo, bathi: ‘Kungani uSimakade enze kanje kuleli lizwe nakule ndlu na?’
22“Bayakuphendula, bathi: ‘Kungokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo owabakhipha eGibhithe, babambelela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke ubehlisele konke lokhu okubi.’ ”

Currently Selected:

2 IZikhronike 7: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in