2 IZikhronike 29
29
UHezekiya Uyinkosi KwaJuda
Ukuhlanjululwa Kwendlu KaSimakade
1 UHezekiya waba yinkosi eneminyaka engama-25, wabusa iminyaka engama-29 eJerusalema. Igama likanina kwakungu-Abhiya, indodakazi kaZakhariya. 2 Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade njengakho konke okwakwenziwe nguDavide, ukhokho wakhe.
3 Ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, ngenyanga yokuqala, wavula iminyango yendlu kaSimakade, wayilungisa. 4Wangenisa abaphristi nabaLevi, wabaqoqela esigcawini ngasempumalanga, 5 wathi kubo: “Ngilaleleni, nina baLevi. Manje, zingcweliseni, ningcwelise nendlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, nisuse ukungcola endaweni engcwele. 6 Obaba baphambukile, benza okubi phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, bamshiya, bayifulathela indlu kaSimakade, bamhlubuka. 7Bavala nezivalo zompheme, bacima izibani, abayishisanga impepho, abanikelanga ngeminikelo yokushiswa endaweni engcwele kuNkulunkulu ka-Israyeli. 8 Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade yehlele phezu kukaJuda neJerusalema, wabenza into esabekayo, eyesabisayo nenximfelwayo, njengalokhu nibona ngamehlo enu. 9 Bhekani, obaba bawile ngenkemba, amadodana ethu namadodakazi ethu nawomkethu basekuthunjweni ngenxa yalokho. 10 Manje kusenhliziyweni yami ukuba ngenze isivumelwano noSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukuze ulaka lwakhe lusuke kithi. 11 Madodana ami, ningabi ngabanganaki, ngokuba nina uSimakade unikhethile ukuba nime phambi kwakhe, nimkhonze, nibe yizikhonzi zakhe, nishise impepho.”
12 AbaLevi base besukuma: uMahathi, indodana ka-Amasayi, noJoweli, indodana ka-Azariya, wozalo lwamaKhohathi. Kwabozalo lukaMerari: kwakunguKhishi, indodana ka-Abhidi no-Azariya, indodana kaJahaleli. Kwabozalo lukaGereshoni: kwakunguJowa, indodana kaZima no-Edene, indodana kaJowa. 13Kwabozalo luka-Elizafani: kwakunguShimri noJehiyeli; kwabozalo luka-Asafa: kwakunguZakhariya noMathaniya. 14Kwabozalo lukaHemani: kwakunguJehiyeli noShimeyi; kwabozalo lukaJeduthuni: kwakunguShemaya no-Uziyeli.
15 Baqoqa abafowabo, bazingcwelisa, bangena endlini kaSimakade njengesiyalezo senkosi ngamazwi kaSimakade, ukuba bayihlambulule indlu kaSimakade. 16 Abaphristi bangena ngaphakathi endlini kaSimakade ukuba bayihlambulule, kwathi konke ukungcola abakuthola ethempelini likaSimakade bakukhiphela egcekeni lendlu kaSimakade. AbaLevi bakuthatha bakukhiphela ngaphandle, bakuyisa emfudlaneni iKidroni. 17 Baqala ukungcwelisa indlu kaSimakade ngosuku lokuqala, ngenyanga yokuqala, kwathi ngosuku lwesishiyagalombili kuleyo nyanga, bafinyelela emphemeni kaSimakade. Bayingcwelisa indlu kaSimakade izinsuku eziyisishiyagalombili; kwathi ngosuku lwe-16 lwenyanga yokuqala, bawuphothula wonke umsebenzi.
Ukuzehlukanisela USimakade Nokulethwa Kweminikelo Nemihlatshelo
18Basuka bangena phakathi ukuyokhuluma nenkosi uHezekiya, bathi: “Siyihlambulule yonke indlu kaSimakade, i-althare leminikelo yokushiswa, zonke izinto zayo, netafula lezinkwa zokubukwa. 19 Zonke izinto inkosi u-Ahazi eyazilahla ekuphambukeni kwayo isabusa, sizilungisile, sazingcwelisa; bheka, seziphambi kwe-althare likaSimakade.”
20UHezekiya, inkosi, wavuka ekuseni waqoqa izinduna zomuzi, bakhuphukela endlini kaSimakade. 21 Baletha izinkunzi eziyisikhombisa, izinqama eziyisikhombisa, amawundlu ayisikhombisa, nezimpongo eziyisikhombisa, kwaba ngumnikelo wokona kombuso, kwendlu engcwele nangoJuda. Wayaleza ukuba abaphristi abangamadodana ka-Aroni banikele ngakho e-althare likaSimakade. 22 Bazihlaba izinkunzi, abaphristi bamukela igazi, balifafaza e-althare. Bahlaba izinqama, bafafaza ngegazi lazo e-althare, bahlaba namawundlu, igazi lawo balifafaza e-althare. 23 Base besondeza izimpongo zomnikelo wesono phambi kwenkosi nebandla, babeka izandla zabo phezu kwazo; 24 abaphristi bazihlaba, benza ngegazi lazo umnikelo wesono e-althare, ukuze benzele wonke u-Israyeli ukubuyisana. Inkosi yayiyalezile ukuba umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono ube ngoka-Israyeli wonke.
25 Wamisa abaLevi endlini kaSimakade bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu njengalokhu uDavide noGadi, umboni wenkosi, noNathani umphrofethi, babeyalezile, ngokuba isiyalezo sasivela kuSimakade ngomlomo wabaphrofethi bakhe. 26 AbaLevi bema bephethe izinsimbi zokucula zikaDavide, nabaphristi ababephethe amacilongo.
27 UHezekiya wayala ukuba kunikelwe ngomnikelo wokushiswa e-althare. Ngesikhathi kuqalwa ukunikela ngomnikelo wokushiswa, kwaqala nesihlabelelo sikaSimakade, amacilongo nezinye izinsimbi zokubethwa zikaDavide, inkosi yakwa-Israyeli. 28 Lonke ibandla lakhuleka, abahlabeleli bahlabelela, abamacilongo bawabetha; konke kwaqhubeka waze waphela umnikelo wokushiswa.
29Kwathi sebeqedile ukunikela, inkosi nabo bonke ababenayo bakhothama, bakhuleka. 30UHezekiya, inkosi, nezikhulu bayala abaLevi ukuba badumise uSimakade ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa, umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.
31 UHezekiya wayesethatha ethi: “Senizehlukanisele uSimakade. Sondelani, nilethe imihlatshelo neminikelo yokubonga endlini kaSimakade.”
Ibandla laletha imihlatshelo neminikelo yokubonga; bonke abaqhutshwa yinhliziyo evumayo baletha iminikelo yokushiswa.
32Inani leminikelo yokushiswa elalethwa yibandla laliyizinkunzi ezingama-70, izinqama eziyi-100, namawundlu angama-200. Konke lokho kwaba ngokomnikelo wokushiswa kuSimakade. 33Okungcwelisiwe kwaba yizinkabi ezingama-600, nezimvu eziyizi-3 000. 34 Ngenxa yokuthi abaphristi babeyingcosana, babengenakuwumela bodwa umsebenzi wokuhlinza yonke iminikelo yokushiswa, basizwa ngabafowabo, abaLevi, waze waphela umsebenzi, baze abaphristi bazingcwelisa ngokuba abaLevi babelungile ukuba bazingcwelise kunabaphristi. 35 Ngaphezu kwenani eliphezulu leminikelo yokushiswa, kwakukhona namanoni eminikelo yokuthula neminikelo yokuphuzwayo yeminikelo yokushiswa. Yavuselelwa kanjalo-ke inkonzo yendlu kaSimakade. 36UHezekiya nabantu bonke bathokoza ngenxa yalokho uNkulunkulu ayebalungiselele khona abantu, ngokuba lokho kwenzeka kungalindelwanga muntu.
Currently Selected:
2 IZikhronike 29: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.