YouVersion Logo
Search Icon

2 IZikhronike 2

2
USolomoni Ulungiselela Ukwakhiwa Kwendlu KaSimakade
1 USolomoni wakhipha umyalo wokuba kwakhelwe igama likaSimakade indlu nesigodlo sombuso wakhe. 2 USolomoni wabala izisebenzi eziyizi-70 000, ababazi bamatshe abayizi-80 000 kwelezintaba, nezinduna eziyizi-3 600 ukuba zibengamele.
3 USolomoni wathumela kuHuramu, inkosi yaseThire, wathi: “Njengalokho wenza kuDavide, ubaba, wathumela kuye imisedari, ukuba akhe indlu, ahlale kuyo, yenza kanjalo-ke nakimi. 4 Ngizokwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho enuka kahle, njalo kubekwe izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaSimakade uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.
5 “Indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu, ngokuba mkhulu uNkulunkulu wethu phezu kwabo bonke onkulunkulu. 6 Kepha ngubani onamandla okumakhela indlu, lokhu izulu nezulu lamazulu lingemanele na? Pho ngingubani mina ukuba ngingamakhela indlu, ukuze kushiswe impepho phambi kwakhe na?
7 “Ngakho-ke ake uthumele kimi umuntu oyingcweti, osebenza ngegolide, ngesiliva, ngethusi, ngensimbi, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangokuluhlaza; oyingcweti yokuqopha yonke imiqopho, azosebenza nezingcweti ezinami kwaJuda naseJerusalema, ezabekwa nguDavide ubaba.
8 “Ngithumelele futhi imisedari, imisayiphuresi, nemi-alimugi evela eLebhanoni, ngokuba ngiyazi ukuthi izinceku zakho ziyakwazi ukugawula imithi eLebhanoni. Izinceku zami ziyosebenza nezinceku zakho, 9ukungilungisela imithi eminingi, ngoba indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu ngokumangalisayo. 10 Bheka, ngiyakunika izinceku zakho ezigawula imithi, amakhora kakolo ayizi-20 000, amakhora ebhali ayizi-20 000, amabhati ewayini ayizi-20 000, namabhati ayizi-20 000 amafutha.”
11 UHuramu, inkosi yaseThire, waloba wayesethumela kuSolomoni, wathi: “USimakade uyabathanda abantu bakhe; ukubeke waba yinkosi phezu kwabo.”
12 UHuramu wabuye wathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide, inkosi, indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nokuqonda, ezokwakhela uSimakade indlu nesigodlo sasebukhosini.
13“Manje ngikuthumelela umuntu ohlakaniphileyo nonolwazi, uHuramu Abhi, 14 uyindodana yowesifazane wamadodakazi akwaDani; uyise wayengumuntu waseThire, owayekwazi ukusebenza ngegolide, ngesiliva, ngethusi, ngensimbi, ngamatshe, ngemithi, ngokubukhwebezane, ngokuluhlaza, ngelineni elicolekileyo, nangokubomvu, nokuqopha yonke imiqopho, nokuqamba yonke imisebenzi yobungcweti. Mnike izingcweti zakho nezingcweti zenkosi yami uDavide, uyihlo.
15 “Ngakho-ke ukolo, ibhali, amafutha, newayini inkosi yami ekhulume ngakho, mayikuthumele kuzo izinceku zayo. 16 Thina sizogawula imithi eLebhanoni njengalokhu uyidinga, siyithumele kuwe eJopha ngolwandle ngezihlenga, wena uyikhuphulele eJerusalema.”
17 USolomoni wabala bonke abezizwe ababesezweni kwa-Israyeli, ngendlela uDavide uyise ayebabale ngayo phambilini. Wathola ukuthi bayizi-153 600. 18 Wabeka kubo abayizi-70 000 ukuba bathwale imithwalo, abayizi-80 000 ukuba babe ngababazi bamatshe ezintabeni, nabayizi-3 600 ukuba bengamele abantu abasebenzayo.

Currently Selected:

2 IZikhronike 2: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in