2 IZikhronike 19
19
Umphrofethi UJehu Usola Inkosi UJehoshafathi
1UJehoshafathi, inkosi yakwaJuda, waphindela emuva esigodlweni sakhe eJerusalema, ephephile. 2 UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho. 3 Nokho kufunyaniswe kuwe izinto ezinhle. Ubasusile o-Ashera ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”
UJehoshafathi Ubeka Abehluleli
4 UJehoshafathi wahlala eJerusalema, kodwa kamuva wabuye waphuma wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBheri Sheba kuya kwelezintaba kwa-Efrayimi; wababuyisela abantu kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo. 5 Wabeka abehluleli ezweni nasemizini yonke yakwaJuda ebiyelweyo, imizi ngemizi. 6 Wathi kubehluleli: “Kubhekisiseni enikwenzayo, ngokuba anihluleleli abantu, kodwa uNkulunkulu onani ekwehluleleni. 7 Ngakho-ke hlalani nimesaba uSimakade, niqaphele enikwenzayo, ngokuba akukho ukungalungi kuSimakade uNkulunkulu wethu, akakhethi buso bamuntu futhi akafunjathiswa.”
8 NaseJerusalema, uJehoshafathi wabeka abanye babaLevi nabaphristi, nezinye zezinhloko zoyise bakwa-Israyeli ukuze behlulele egameni likaSimakade, bathethe amacala. Babuyela eJerusalema. 9Wabayala wathi: “Niyokwenza kanjalo, nimesabe uSimakade ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo. 10 Wonke amacala afika kini evela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezehlulelo, niyakubaxwayisa ngawo ukuba bangabi nacala kuSikamade, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu. Niyokwenza kanjalo, ningabi nacala.
11 “Bheka, u-Amariya, umphristi, nguye onengamele nazo zonke izindaba zikaSimakade. UZebadiya, indodana ka-Ishmayeli, umholi wendlu yakwaJuda, uyokwengamela zonke izindaba eziqondene nenkosi. AbaLevi bayakuba yizikhulu eziniholayo. Yenzani ngesibindi, uSimakade uyakuba nabalungileyo.”
Currently Selected:
2 IZikhronike 19: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.