YouVersion Logo
Search Icon

1 USamuweli 12

12
USamuweli Ukhuluma No-Israyeli Wonkana
1 USamuweli wathi ku-Israyeli wonkana: “Niyabona-ke, ngililalele izwi lenu kukho konke enikushilo kimi; ngibeke inkosi ukuba inibuse. 2 Manje bhekani, inkosi sekuyiyo ehamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga. Nanka amadodana ami anani; selokhu ngahamba phambi kwenu, kusukela ebusheni bami kuze kube namuhla. 3 Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaSimakade naphambi kogcotshiweyo wakhe, ukuthi ngake ngathatha inkabi kabani, noma imbongolo kabani, ngubani engimqolile, ngicindezele bani futhi ngemukele ukufunjathiswa okuvela esandleni sikabani ukuze amehlo ami avalwe yikho na? Lokho ngiyakukubuyisela kini.”
4Bathi: “Awusiqolanga, awusicindezelanga, awemukelanga lutho esandleni samuntu.”
5 Wayesethi kubo: “USimakade ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.”
Bathi: “Ungufakazi.”
6 USamuweli wathi kubantu: “NguSimakade owabeka uMose no-Aroni, nowakhuphula okhokho benu eGibhithe. 7 Manje-ke yimani ukuze siphendulane phambi kukaSimakade ngezenzo zonke ezilungileyo uSimakade azenza kini nakokhokho benu.
8 “Lapho uJakobe esefikile eGibhithe, okhokho benu bakhala kuSimakade. USimakade wathuma uMose no-Aroni, babakhipha okhokho benu eGibhithe, wabahlalisa kule ndawo.
9 “Sebelapho bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo. Wayesethengisa ngabo esandleni sikaSisera, induna yempi eHazori, esandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi; balwa nabo. 10 Bakhala kuSimakade, bathi: ‘Sonile, samshiya uSimakade, sakhonza uBhali no-Ashitharothi, kodwa manje sihlenge esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’ 11 USimakade wayesethumela uJerubhali, uBhedani, uJeftha, noSamuweli, wanihlenga esandleni sezitha zenu ezazinizungeze nhlangothi zonke, nahlala ngokuvikeleka.
12 “Kuthe lapho nibona uNahashi, inkosi yabakwa-Amoni, eza ukuzonihlasela, nathi kimi: ‘Qha, kepha nathi masibuswe yinkosi,’ naphezu kokuba uSimakade uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu. 13 Manje nansi-ke inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; niyabona-ke, uSimakade unibekele inkosi ukuba inibuse. 14 Uma nimesaba uSimakade nimkhonza, nilalela izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni somlomo kaSimakade, nina nenkosi yenu enibusayo, nilandela uSimakade uNkulunkulu wenu, nenza kahle. 15 Kepha uma ningalaleli izwi likaSimakade, nihlubuka esiyalezweni sikaSimakade, isandla sikaSimakade siyakumelana nani, njengalokhu samelana nokhokho benu.
16 “Ngalokho-ke yimani, nibone lesi simangaliso esikhulu uSimakade azosenza phambi kwamehlo enu. 17 Angithi namuhla yisikhathi sokuvuna ukolo na? Ngizokhuleka kuSimakade ukuba alethe ukuduma nemvula, ukuze nazi, nibone ukuthi bukhulu kangakanani ububi enibenzile emehlweni kaSimakade ngokucela inkosi.”
18 Ngalolo lusuku uSamuweli wathandaza kuSimakade, uSimakade waletha ukuduma nemvula; bonke abantu besaba kakhulu uSimakade noSamuweli.
19 Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Zikhulekele izinceku zakho kuSimakade uNkulunkulu wakho ukuze singafi, ngokuba senezele phezu kwabo bonke ububi bethu ngokuzicelela inkosi.”
20 USamuweli wathi kubantu: “Ningesabi nakuba nikwenzile konke lokho okubi, ningaphambuki ekumlandeleni uSimakade, kodwa mkhonzeni uSimakade ngayo yonke inhliziyo yenu. 21 Yebo, ningaphambuki nilandele izinto eziyize ezingenakunisiza nezingeke zanikhulula, ngokuba ziyize. 22 USimakade akayukubashiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwaba kuhle kuSimakade ukuba azenzele nina nibe ngabantu bakhe. 23 Yebo, mangingakwenzi mina ukuba ngone kuSimakade ngiyeke ukunikhulula; ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo. 24 Yesabani uSimakade Yena yedwa, nimkhonze ngeqiniso, ngenhliziyo yenu yonke, nikhumbule izinto ezinkulu anenzele zona. 25 Kodwa uma nenza okubi niyobhubha nenkosi yenu.”

Currently Selected:

1 USamuweli 12: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in