KwabaseRoma 8:5-15
KwabaseRoma 8:5-15 ZUL59
Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya. Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula. Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze; abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu. Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe. Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini. Ngalokho-ke, bazalwane, asinacala kuyo inyama lokuba sihambe ngokwenyama. Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila. Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”