YouVersion Logo
Search Icon

KwabaseRoma 10:8-13

KwabaseRoma 10:8-13 ZUL59

Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo. Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa. Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.” Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye, ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”

Video for KwabaseRoma 10:8-13