YouVersion Logo
Search Icon

IsAmbulo 10

10
Ingelosi enencwadi evulekileyo
1 Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo, 2iphethe esandleni sayo incwadi encane evulekileyo. Yayisimisa unyawo lwayo lokunene phezu kolwandle nolokhohlo phezu komhlabathi, 3yamemeza ngezwi elikhulu njengokubhonga kwengonyama, nalapho isimemezile, imidumo eyisikhombisa yezwakalisa amazwi ayo. 4 Nalapho imidumo eyisikhombisa isikhulumile, ngase ngizakuloba; kepha ngezwa izwi livela ezulwini, lithi: “Namathisela ngophawu okukhulunywe yimidumo eyisikhombisa, kodwa ungakulobi.”
5 Ingelosi engayibona imi phezu kolwandle naphezu komhlabathi yayisiphakamisela ezulwini isandla sayo sokunene, 6 yafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nokukulo, nomhlaba nokukuwo, nolwandle nokukulo, yathi: “Akusayikubakho isikhathi, 7 kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa, lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe, njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi ngezindaba ezijabulisayo.”
8Izwi engalizwa livela ezulwini lase liphinda likhuluma nami, lithi: “Hamba uye uthabathe incwadi evulekileyo esesandleni sengelosi emi phezu kolwandle naphezu komhlabathi.”
9 Ngaya kuyo ingelosi; ngase ngithi kuyo mayinginike incwadi encane. Yayisithi kimi: “Yithabathe, uyidle uyiqede; izakubaba esiswini sakho, kepha emlonyeni wakho iyakuba mnandi njengezinyosi.” 10Ngase ngiyithatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla ngayiqeda; yayisiba mnandi njengezinyosi emlonyeni wami; nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami. 11 Zase zithi kimi: “Kumelwe ukuba uphinde uprofethe ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi.”

Currently Selected:

IsAmbulo 10: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in