YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 69

69
Ukuhlupheka kolungileyo
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Iminduze. ElikaDavide.
1 Ngisindise, Nkulunkulu,
ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.
2 Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma;
ngingene emanzini alutwa;
imisinga iyangicwilisa.
3 Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile;
amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.
4 Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami;
baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici;
nengingakuphanganga ngakubuyisela.
5Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami,
nezono zami azifihlakele kuwe.
6 Mabangajabhiswa ngami abakulindeleyo,
Nkosi Jehova Sebawoti;
mabangahlazeki ngami abakufunayo,
Nkulunkulu ka-Israyeli.
7Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho;
ihlazo lisibekela ubuso bami.
8 Sengaba ngumfokazi kubafowethu,
nowezizwe kubantwana bakamame.
9 Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile;
izithuko zabakuthukayo zingehlele.
10Ngakhala, umphefumulo wami wazila;
kwaba ngukudunyazwa kwami.
11Isaka ngalenza isambatho sami;
ngaba yisaga kubo.
12 Abahlezi esangweni bakhuluma ngami;
izidakwa ziyangihaya.
13 Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova
esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu;
ngenxa yomusa wakho omkhulu
ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho.
14Ngikhiphe odakeni, mangingashoni;
mangisindiswe kubo abangizondayo,
nasemanzini alutwa.
15Isikhukhula samanzi masingangicwilisi,
utwa lungangigwinyi,
umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.
16Ngiphendule, Jehova,
ngokuba umusa wakho ulungile;
uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.
17 Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho,
ngokuba ngiyahlupheka;
shesha ungiphendule.
18Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge,
ngikhulule ngenxa yezitha zami.
19Wena uyakwazi ukuthukwa kwami,
namahloni ami nokudunyazwa kwami;
zonke izitha zami ziphambi kwakho.
20Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami,
ngigula kakhulu;
bengibheka ukuhawukelwa,
kepha akwabakho,
nabaduduzayo,
kepha angibatholanga.
21 Banginika inyongo ibe ngukudla kwami;
ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.
22 Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo,
libe lugibe kwabahlezi bezithulele.
23Amehlo abo mawafiphale,
ukuze bangaboni;
izinkalo zabo zintengezele njalo.
24Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho;
intukuthelo yakho evuthayo mayibafice.
25 Umuzi wabo mawuchitheke;
makungabikho ohlala ematendeni abo.
26Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela,
baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.
27 Yengezela ukona ekoneni kwabo;
mabangezi ekulungeni kwakho.
28 Mabesulwe encwadini yabaphilayo,
bangalotshwa kanye nabalungileyo.
29Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu;
insindiso yakho,
Nkulunkulu mayingilondoloze.
30Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu,
ngimphakamise ngokubonga.
31 Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo,
kunenkunzi enezimpondo nezinselo.
32 Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule;
nina enifuna uNkulunkulu,
inhliziyo yenu mayiphile.
33 Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu,
neziboshwa zakhe akazideleli.
34 Uyakubongwa yizulu nomhlaba,
yizilwandle nakho konke okuphila kuzo.
35Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni,
akhe imizi yakwaJuda;
bazakuhlala khona, ibe yifa labo.
36 Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa;
abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.

Currently Selected:

AmaHubo 69: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in