YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 67

67
Ukubonga izibusiso zikaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo. Igama.
1 UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise;
makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela*
2 ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni,
insindiso yakho kubo bonke abezizwe.
3 Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;
mabakubonge abantu bonke.
4Izizwe mazijabule, zethabe;
ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga,
uzihola izizwe emhlabeni. Sela*
5Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;
mabakubonge abantu bonke.
6 Umhlaba uthelile izithelo zawo;
uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.
7UNkulunkulu uyasibusisa;
imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.

Currently Selected:

AmaHubo 67: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in