AmaHubo 22:1-3
AmaHubo 22:1-3 ZUL59
Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami. Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula. Kepha wena ungoNgcwele ohlezi ezibongweni zika-Israyeli.