YouVersion Logo
Search Icon

UNumeri 34

34
Ukunqunywa kwemikhawulo yezwe
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo – 3 uhlangothi lwaseningizimu luyakusuka ehlane laseSini, lugudle elakwa-Edomi, umkhawulo wenu waseningizimu usuke ekugcineni koLwandle Lukasawoti ngasempumalanga, 4umkhawulo wenu ujike ngaseningizimu kokhalo lwe-Akarabimi, uze ufike eSini, uphume eningizimu kwaseKadeshi Barineya, uye eHasari Adari, uze ufike e-Asimoni, 5umkhawulo ujike ngase-Asimoni, uye emfuleni waseGibithe, uphume elwandle.
6“ ‘Umkhawulo wasentshonalanga uyakuba luLwandle Olukhulu, lona lube ngumkhawulo wenu wasentshonalanga.
7“ ‘Lokhu kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho: kusukela eLwandle Olukhulu anoziphawulela intaba yaseHori; 8kusukela entabeni yaseHori anoziphawulela indlela eya eHamati, umkhawulo uphume eSedadi, 9andukuba umkhawulo uye eZifroni, uphume eHasari Enani; lokho kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho.
10“ ‘Anoziphawulela umkhawulo wenu wasempumalanga, usukela eHasari Enani uze ufike eShefamu; 11umkhawulo wehle eShefamu, uye eRibila ngasempumalanga kwase-Ayini, umkhawulo wehle njalo, uze ufinyelele emmangweni wangaselwandle lwaseKinereti ngasempumalanga, 12umkhawulo wehlele eJordani, uphume ngaseLwandle Lukasawoti; lokho kuyakuba yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke.’ ”
13UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye, 14 ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu zawoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo; 15lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga.”
Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe
16UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 17 “Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu: u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni. 18Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.
19“Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.
20Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni: nguShemuweli indodana ka-Amihudi.
21Esizweni sakwaBenjamini: ngu-Elidadi indodana kaKisiloni.
22Esizweni sabantwana bakwaDani: yisikhulu uBuki indodana kaJogili.
23Kubantwana bakwaJosefa: esizweni sabantwana bakwaManase: yisikhulu uHaniyeli indodana ka-Efodi.
24Esizweni sabantwana bakwa-Efrayimi: yisikhulu uKemuweli indodana kaShifethani.
25Esizweni sabantwana bakwaZebuloni: yisikhulu u-Elisafani indodana kaParinaki.
26Esizweni sabantwana bakwa-Isakare: yisikhulu uPalitiyeli indodana ka-Azani.
27Esizweni sabantwana bakwa Asheri: yisikhulu u-Ahihudi indodana kaShelomi.
28Esizweni sabantwana bakwaNafetali: yisikhulu uPedaheli indodana ka-Amihudi.”
29Yilabo uJehova abayala ukwahlukanisela abantwana bakwa-Israyeli ifa ezweni laseKhanani.

Currently Selected:

UNumeri 34: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

Video for UNumeri 34