Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa. Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na? Yingabe angakhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”
Read NgokukaMarku 8
Share
Compare All Versions: NgokukaMarku 8:34-38
Save verses, read offline, watch teaching clips, and more!
YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy
Home
Bible
Plans
Videos