NgokukaMarku 8:22, 23, 24, 25, 26, 27, 28, 29, 30, 31, 32, 33, 34, 35, 36, 37, 38
NgokukaMarku 8:23 ZUL59
Wayibamba impumputhe ngesandla, wayiholela ngaphandle komuzi, wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla phezu kwayo, wayibuza wathi: “Ubona utho na?”
NgokukaMarku 8:25 ZUL59
Khona waphinda wabeka izandla phezu kwamehlo ayo, yabhekisisa, yasinda, yabonisisa konke.
NgokukaMarku 8:27 ZUL59
UJesu wayesephuma kanye nabafundi bakhe, waya emizini yaseKesariya Filipi. Besendleleni, wababuza abafundi bakhe, wathi kubo: “Abantu bathi ngingubani na?”
NgokukaMarku 8:28 ZUL59
Bamtshela bathi: “UJohane uMbhapathizi;” abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngomunye wabaprofethi.”
NgokukaMarku 8:29 ZUL59
Wayesebabuza ethi: “Nina-ke nithi ngingubani na?” UPetru waphendula, wathi kuye: “Wena unguKristu.”
NgokukaMarku 8:31 ZUL59
Khona waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe emva kwezinsuku ezintathu.
NgokukaMarku 8:33 ZUL59
Kepha waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wamkhuza uPetru, wathi: “Buyela emva kwami, Sathane, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”
NgokukaMarku 8:34 ZUL59
Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
NgokukaMarku 8:35 ZUL59
Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa.
NgokukaMarku 8:36 ZUL59
Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na?
NgokukaMarku 8:38 ZUL59
Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”