NgokukaMarku 14:53, 54, 55, 56, 57, 58, 59, 60, 61, 62, 63, 64, 65, 66, 67, 68, 69, 70, 71, 72
NgokukaMarku 14:53 ZUL59
Base bemusa uJesu kumpristi omkhulu; kwabuthana bonke abapristi abakhulu namalunga nababhali.
NgokukaMarku 14:54 ZUL59
UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu; wayehlezi kanye nezikhonzi otha umlilo.
NgokukaMarku 14:55 ZUL59
Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga.
NgokukaMarku 14:56 ZUL59
Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngaye, kepha ubufakazi babo abuhlangananga.
NgokukaMarku 14:58 ZUL59
“Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.’ ”
NgokukaMarku 14:60 ZUL59
Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo, wambuza uJesu, wathi: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?”
NgokukaMarku 14:61 ZUL59
Kepha wathula, akaphendula lutho. Umpristi omkhulu wabuye wambuza, wathi kuye: “UnguKristu, iNdodana yoBongekayo na?”
NgokukaMarku 14:62 ZUL59
Wathi uJesu: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”
NgokukaMarku 14:63 ZUL59
Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Sisaswelelani ofakazi na?
NgokukaMarku 14:64 ZUL59
Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?” Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa.
NgokukaMarku 14:65 ZUL59
Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula.
NgokukaMarku 14:68 ZUL59
Kepha waphika wathi: “Angikwazi, yebo, angikuzwisisi okushoyo;” waphumela enkundleni; lakhala iqhude.
NgokukaMarku 14:69 ZUL59
Intombazana imbona yabuye yaqala ukusho kwababemi khona ukuthi: “Lona ungomunye wabo.”
NgokukaMarku 14:70 ZUL59
Kepha waphinda waphika. Emva kwesikhashana futhi ababemi khona bathi kuPetru: “Nempela ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.”
NgokukaMarku 14:71 ZUL59
Wayeseqala ukuthuka nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu enikhuluma ngaye.”
NgokukaMarku 14:72 ZUL59
Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili. UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi: “Iqhude lingakakhali kabili, uzakungiphika kathathu;” wakhala nokukhala izinyembezi.