YouVersion Logo
Search Icon

ULevitikusi 8

8
Ukugcotshwa kwabapristi
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo, 3ubuthele inhlangano yonke ngasemnyango wetende lokuhlangana.” 4UMose wenza njengalokho uJehova emyalile; inhlangano yabuthelwa ngasemnyango wetende lokuhlangana.
5UMose wayesethi kuyo inhlangano: “Nansi into uJehova ayale ngayo ukuba yenziwe.” 6UMose waletha u-Aroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi. 7 Wamfaka ibhantshi, wambhincisa ibhande,* wamembathisa ijazi; wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, wayibophela kuye ngalo. 8 Wamfaka isihlangu sesifuba, nasesihlangwini sesifuba wabeka i-Urimi neThumimi.* 9Wafaka isigqoko ekhanda lakhe, nasesigqokweni ngaphambili wafaka ungcwecwe wegolide, umqhele ongcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose.
10 UMose wathatha amafutha okugcoba, waligcoba itabernakele* nakho konke okuphakathi kwalo, wakungcwelisa. 11Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe. 12Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe. 13UMose wayeseletha amadodana ka-Aroni, wawembathisa amabhantshi, wawabhincisa amabhande,* wawafaka izigqoko, njengalokho uJehova emyalile uMose.
14 Waletha nenkunzi yomnikelo wesono; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenkunzi yomnikelo wesono. 15Wayeseyihlaba; uMose wathatha igazi, walibheca ezimpondweni ze-altare nxazonke ngomunwe wakhe, waliphothula i-altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare, walingcwelisa ukuba alenzele ukubuyisana. 16Wathatha onke amanoni aphezu kwezibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azo, uMose wakushisa e-altare. 17Kepha inkunzi nesikhumba sayo, nenyama yayo, nomswani wayo, wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu,* njengalokho uJehova emyalile uMose.
18 Wayeseletha inqama yomnikelo wokushiswa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama. 19Wayihlaba, uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke. 20Wayeseyihlahlela inyama izitho; uMose washisa inhloko nezitho namanoni. 21Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi; uMose washisa yonke inqama e-altare; yayingumnikelo wokushiswa, waba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
22 Waletha nenye inqama, inqama yokwahlukaniselwa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama. 23Wayihlaba; uMose wathatha igazi layo, walibheca esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene. 24Wayeseletha amadodana ka-Aroni, uMose walibheca igazi esicutshini sendlebe yabo yokunene, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene; uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke. 25Wawathatha amanoni, nomsila ononileyo, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azo, nomlenze wokunene, 26naseqomeni lezinkwa ezingenamvubelo elalisebusweni bukaJehova wathatha iqebelengwane laba linye elingenamvubelo, neqebelengwane laba linye lesinkwa samafutha, nomqathane munye, wakubeka phezu kwamanoni naphezu komlenze wokunene, 27wakubeka konke ezandleni zika-Aroni, nasezandleni zamadodana akhe, wakuzulisa kwaba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova. 28UMose wayesekuthatha ezandleni zabo, wakushisa e-altare emnikelweni wokushiswa; kwakungokokwahlukaniselwa, kwaba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova. 29UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; sasiyisabelo sikaMose sasenqameni yokwahlukaniselwa, njengalokho uJehova emyalile uMose.
30 UMose wayesethatha amafutha okugcoba, negazi elalise-altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe, wangcwelisa u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.
31Wathi uMose ku-Aroni nakumadodana akhe: “Phekani inyama ngasemnyango wetende lokuhlangana, niyidle kanye nesinkwa esiseqomeni lokwahlukaniselwa, njengalokho ngayala ngathi: ‘U-Aroni namadodana akhe bayakukudla.’ 32Okuseleyo kwenyama nokwesinkwa anokushisa ngomlilo. 33Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana izinsuku eziyisikhombisa, kungakapheli izinsuku zokwahlukaniselwa kwenu, ngokuba uyakunahlukanisela izinsuku eziyisikhombisa. 34UJehova uyalile ukuba kwenziwe njengalokho kwenziwe namuhla, ukuze nenzelwe ukubuyisana. 35Ngasemnyango wetende lokuhlangana niyakuhlala imini nobusuku izinsuku eziyisikhombisa, nisigcine isiyalezo sikaJehova, ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.” 36U-Aroni namadodana akhe benza konke uJehova ayale ngakho ngesandla sikaMose.

Currently Selected:

ULevitikusi 8: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in