YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 6:35-40

NgokukaJohane 6:35-40 ZUL59

UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma. Kepha ngithe kini: Ningibonile, nokho anikholwa. Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle. Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo. Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”

Video for NgokukaJohane 6:35-40