YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 15:4-7

NgokukaJohane 15:4-7 ZUL59

Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi. “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho. Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe. Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.

Video for NgokukaJohane 15:4-7