YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 12:12-16

NgokukaJohane 12:12-16 ZUL59

Ngangomuso abantu abaningi abafike emkhosini sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema, bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi: “Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi, yebo, iNkosi ka-Israyeli.” UJesu esefumene imbongolo entsha wakhwela kuyo njengokulotshiwe ukuthi: “Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni; bheka, iNkosi yakho iza, ikhwele etholeni lembongolo.” Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye.

Video for NgokukaJohane 12:12-16