YouVersion Logo
Search Icon

UJeremiya 47

47
Isiprofetho ngamaFilisti
1 Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.
2 Usho kanje uJehova, uthi:
“Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho,
abe ngumfula okhukhulayo,
akhukhule izwe nokugcwala kwalo,
umuzi nabakhileyo kuwo;
abantu bayakukhala,
bonke abakhileyo ezweni bahhewule.
3Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla,
nangokuduma kwezinqola zakhe,
nangodumo lwamasondo akhe
oyise ababheki emuva kubantwana
ngenxa yobuthakathaka bezandla zabo
4 ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti
nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo,
ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti,
insali yesiqhingi saseKafitori.
5 Ubumpandla bulehlele iGaza;
i-Ashikeloni liphelile,
insali yesigodi sabo;
uyakuzisika kuze kube nini na?
6“Awu wena nkemba kaJehova,
koze kube nini ungathuli na?
Buyela emgodleni wakho,
uthule, uzole.
7Ingathula kanjani,
lapho iyalezwe nguJehova, na?
Uyinqumele i-Ashikeloni nogu lolwandle.”

Currently Selected:

UJeremiya 47: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in