YouVersion Logo
Search Icon

EkaJakobe 1:2-8

EkaJakobe 1:2-8 ZUL59

Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. Kepha ukukhuthazela makube nomsebenzi opheleleyo, ukuze nibe ngabapheleleyo nabangenacala abangasweli lutho. Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa. Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya. Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi, umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.

Video for EkaJakobe 1:2-8