YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 55:1-9

U-Isaya 55:1-9 ZUL59

“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali, yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho. Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni. Bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide. Bheka, ngimnike abe ngufakazi kubantu, umholi nomyali kubantu. Bheka, uyakubiza izizwe ongazaziyo, nezizwe ebezingakwazi ziyakugijimela kuwe ngenxa kaJehova uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba ukudumisile.” Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze. Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu. “Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” usho uJehova. “Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.

Video for U-Isaya 55:1-9