YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 5

5
Isivini sikaJehova
1 Mangihlabelele ngothandiweyo wami,
isihlabelelo sothandiweyo wami ngesivini sakhe.
Othandiweyo wami
wayenesivini egqumeni elivundile kakhulu;
2wasimba, wakhipha amatshe aso,
wasitshala ngomvini omuhle,
wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso,
waqopha isikhamo kuso,
wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini,
kepha saveza izithelo zasendle.
3“Manje nina enakhileyo eJerusalema namadoda akwaJuda,
ake nahlulele phakathi kwami nesivini sami.
4 Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na?
Kungani ukuba lapho ngithembe ukuthi siyakuthela izithelo zomvini,
saveza izithelo zasendle, na?
5 Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami:
ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe,
ngidilize ugange lwaso,
ukuze sinyathelwe.
6Ngiyakusenza sibe yincithakalo;
asiyikuthenwa, asiyikulinywa,
kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva;
futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”
7Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli,
namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo;
wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela,
yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.
Amazwi okwahlulela okubi
8 Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu,
besondeza insimu nensimu,
kuze kungabe kusaba khona indawo,
kwakhe nina nodwa emhlabeni!
9UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami:
“Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo,
nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.
10Ngokuba ama-eka* ayishumi esivini
ayakuthela ibhati* elilodwa,
nehomere* lembewu liyakuthela i-efa* nje.”
11 Wo kubona abavuka ekuseni,
ukuze balandele uphuzo olunamandla,
balibale kuze kuhlwe,
bashe iwayini!
12 Ihabu* nogubhu, isigubhu negenkle,
newayini
kukhona emadilini abo,
kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova,
nezenzo zezandla zakhe abaziboni.
13Ngalokho abantu bami bayathunjwa bengazi,
nabadumileyo babo bayalamba,
nezixuku zabo zigangathekile ngokoma.
14 Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo,
yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo;
kwehlela kuyo amakhosi abo, nesixuku sabo esixokozelayo,
kanye nabajabulayo phakathi kwabo.
15 Abantu bayafoliswa,
namadoda ayathotshiswa,
namehlo abaziphakamisayo ayathotshiswa,
16 kepha uJehova Sebawoti uphakeme ekwahluleleni,
uNkulunkulu oNgcwele ungcwelisiwe ngokulunga.
17Amawundlu ayakuklaba njengasemadlelweni awo,
nasezincithakalweni zabacebileyo kuyakuklaba amazinyane.
18Wo kubona abadonsa ukona ngezintambo zamanga,
nezono kungathi ngamagoda ezinqola,
19 abasho ukuthi: “Makaphuthume,
asheshise umsebenzi wakhe ukuba siwubone,
kusondele isiluleko soNgcwele ka-Israyeli,
sifike ukuba sisazi!”
20 Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle,
nokuhle ukuthi kungububi,
ababeka ubumnyama bube ngukukhanya,
nokukhanya kube ngubumnyama,
babeke nokubabayo kube ngubumtoti,
nobumtoti bube ngokubabayo!
21 Wo kubona abahlakaniphile emehlweni abo
nabaqondile ekuboneni kwabo!
22Wo kubona abangamaqhawe ngokuphuza iwayini
namadoda anamandla ngokuxubanisa uphuzo olunamandla,
23 abathetha ababi ngenxa yemivuzo,
basuse ukulunga kwabalungileyo!
24 Ngalokho njengolimi lomlilo ludla amabibi,
nezikhotha ezomileyo zizika elangabini,
impande yabo iyakuba njengokubola,
nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu,
ngokuba balahlile umthetho kaJehova Sebawoti,
balidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.
25 Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe;
welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya;
izintaba ziyathuthumela,
nezidumbu zabo ziyimfucumfucu
phakathi ezitaladini;
kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,
isandla sakhe siseluliwe.
26 Uyakuphakamisela isizwe esikude ibhandela,*
asihlabele ikhwelo ekugcineni komhlaba;
bheka, uyeza masinyane ngejubane.
27Akakho oyakukhathala,
akhubeke kuso;
akakho oyakozela, alale;
ibhande* lezinkalo zabo aliyikuthukuluka,
nomchilo wezicathulo zabo awuyikugqabuka,
28bona abamicibisholo yabo ibukhali,
nayo yonke iminsalo yabo insaliwe;
izinyawo zamahhashi abo ziyakubalwa njengensengetsha,
namasondo abo njengesivunguvungu.
29Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyamakazi,
bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi,
yebo, bayakugwavuma,
babambe impango yabo,
bamuke nayo, kungekho oyophulayo.
30Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suku
njengokuduma kolwandle;
uma umuntu ebuka umhlaba,
bheka, naso isigayegaye sobumnyama,
nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.

Currently Selected:

U-Isaya 5: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy