YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 33

33
Ukukhululwa kweSiyoni
1 Wo kuwena ochithayo,
kungachithwanga wena,
nakuwe okhohlisayo,
kungakhohliswanga wena!
Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa,
nalapho usugcine ukukhohlisa,
uyakukhohliswa nawe.
2 Jehova, yiba nomusa kithi,
sihlalela wena.
Yiba yingalo yethu ekuseni njalo,
nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.
3Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka;
ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka.
4Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi,
nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.
5 UJehova uphakeme, ngokuba uhlala phezulu;
uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.
6Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho,
ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi;
ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.
7Bheka, amaqhawe abo akhala ngaphandle;
izithunywa zokuthula zikhala ngomunyu.
8 Imigwaqo iyize, izihambi seziphelile;
isivumelwano saphuliwe;
imizi ideleliwe;
umuntu akanakekelewa.
9 Izwe liyalila, lidangele;
iLebanoni linamahloni, liyabuna;
iSharoni linjengehlane,
iBashani neKarmeli kuyavuthulukisa.
10“Sengiyakuvuka,” usho uJehova;
“sengiyakuphakama;
sengiyakuphakanyiswa.
11 Niyakukhulelwa yizikhotha ezomileyo,
nizale amabibi;
ukuphefumula kwenu kungumlilo oniqothulayo.
12Abantu bayakushiswa njengokushiswa komcako,
njengameva anqunyiweyo ashiswa ngomlilo.”
13Yizwani nina enikude engikwenzileyo;
nani eniseduze, vumani amandla ami.
14 Izoni zaseSiyoni ziyesaba,
ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu.
“Ngubani phakathi kwethu
ongahlala nomlilo oqothulayo;
ngubani phakathi kwethu
ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”
15 Yena ohamba ngokulunga,
okhuluma ngobuqotho,
odelela inzuzo yokucindezela,
othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo,
ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi,
ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,
16yena uyakuhlala ekuphakameni,
izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe,
aphiwe isinkwa sakhe,
amanzi akhe athembeke.
17Amehlo akho ayakuyibona inkosi ebuhleni bayo,
ayakubona izwe elelulekele kude.
18Inhliziyo yakho iyakucabanga ngovalo, ithi:
“Uphi umbhali, uphi olinganisile intela,
uphi obalile imibhoshongo na?”
19Awuyikubona abantu abanobudlova,
abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa,
nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda.
20 Kepha bheka iSiyoni,
umuzi wemikhosi yethu;
amehlo akho mawabuke iJerusalema,
indlu yokuthula, itende elingayikususwa,
elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini,
nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa.
21Kunalokho uJehova uyakuba nathi khona ebukhosini
esikhundleni semifula nemifudlana ebanzi,
lapho kungayikuhamba khona izikebhe ezinamaphini,
nomkhumbi omkhulu ungadluli kuyo.
22Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu,
uJehova ungumenzi wemithetho yethu,
uJehova uyinkosi yethu;
uyakusisindisa.
23Izintambo zakho ziyaxega,
azinakusiqinisa isiqu sensika yabo,
azinakumeneka useyili;*
khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo;
nezinyonga ziyakuthatha impango.
24 Abakhe khona abayikusho ukuthi:
“Ngiyagula,”
abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.

Currently Selected:

U-Isaya 33: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in