YouVersion Logo
Search Icon

UDuteronomi 21

21
Umthetho wokubulawa komuntu ongaziwayo
1“Uma kufunyaniswa obuleweyo ezweni akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle, elele endle, kungaziwa ukuthi ngubani ombuleleyo, 2kuyakufika amalunga akho nabahluleli bakho, balinganise amabanga okuya emizini emzungezayo obuleweyo, 3kuze kuthi umuzi oseduze nobuleweyo, amalunga alowo muzi athathe isithokazi ezinkomeni okungasetshenzwanga ngaso, singadonsanga ejokeni, 4amalunga alowo muzi asehlisele leso sithokazi esigodini esinamanzi ampompozayo, esingalinywanga, singatshalwanga, ayaphule intamo yesithokazi lapho esigodini; 5 abapristi, amadodana kaLevi, bayakusondela, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaJehova; ngezwi labo konke ukuxabana nokushaya kuyakunqunywa; 6onke amalunga alowo muzi oseduze nobuleweyo ayakuhlamba izandla zawo phezu kwesithokazi esaphulelwe intamo esigodini, 7aphendule athi: ‘Izandla zethu azichithanga leli gazi, namehlo ethu awakubonanga. 8Thethelela, Jehova, abantwana bakho u-Israyeli obahlengileyo, ungavumeli igazi elingenacala phakathi kwabantu bakho u-Israyeli,’ bese bethethelelwa igazi lelo. 9Kanjalo uyakukhipha igazi elingenacala phakathi kwakho, ngokuba uyakwenza okulungile emehlweni kaJehova.
Ngokuganwa ngowesifazane othunjiweyo
10“Lapho uphuma impi ukuhlasela izitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho azinikela ezandleni zakho, uzithumbe, 11ubone phakathi kwabathunjwa owesifazane omuhle onamathela kuye, uthanda ukumthatha abe ngumkakho, 12myise ekhaya, aphucule ikhanda lakhe, asike izinzipho zakhe, 13akhumule izingubo zokuthunjwa kwakhe, ahlale endlini yakho, akhalele uyise nonina inyanga yonke, andukuba ungene kuye, ube yindoda yakhe, yena abe ngumkakho. 14Kepha uma ungathokozi ngaye, womyeka ukuba ahambe, aye lapho ethanda khona; kodwa awuyikuthengisa ngaye neze ngemali, ungamphathi njengesigqila, ngokuba usumonile.
Ifa lobuzibulo
15 “Uma umuntu enabafazi ababili, omunye ethandeka omunye aliwa, bamzalele abantwana, othandekayo nowaliwayo, bese kuthi indodana eyizibulo ingeyowaliwayo, 16kuyakuthi mhla ewahlukanisela amadodana akhe ifa analo, makangayenzi indodana yentandokazi izibulo phambi kwendodana yesaliwakazi okuyiyona eyizibulo, 17 kepha avume ukuba indodana yowaliwayo ibe yizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho, ngokuba yona ingukuqala kwamandla akhe; ilungelo lezibulo lingelayo.
Ukuphathwa kwabantwana abanenkani
18“Uma umuntu enendodana enenkani nengezwayo, engalaleli izwi likayise noma izwi likanina, engalaleli noma beyilaya, 19uyise nonina bayakuyibamba, bayiyise kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakubo, 20bathi kumalunga omuzi: ‘Le ndodana yethu inenkani, ayizwa, ayilaleli izwi lethu; iyisishingi nesidakwa.’ 21Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe aze afe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli ezwe, esabe.
Umthetho womuntu ophanyekwayo
22“Uma umuntu enzile isono esifanele ukufa, abulawe, umphanyeke emthini, 23 isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini, kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku, ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.

Currently Selected:

UDuteronomi 21: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in