YouVersion Logo
Search Icon

KwabaseKolose 3:1-14

KwabaseKolose 3:1-14 ZUL59

Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu; nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni. Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu; nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni. Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe, okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu, ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho; kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu; ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo, lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke. Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Video for KwabaseKolose 3:1-14