YouVersion Logo
Search Icon

2 AmaKhosi 14

14
U-Amasiya uyinkosi kwaJuda. UJerobowamu wesibili uyinkosi kwa-Israyeli
1 Ngomnyaka wesibili kaJowashi indodana kaJehowahazi inkosi yakwa-Israyeli u-Amasiya indodana kaJowashi inkosi yakwaJuda waba yinkosi. 2Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadini waseJerusalema. 3 Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenjengoDavide uyise kodwa; wenza njengakho konke uJowashi uyise akwenzileyo. 4Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
5 Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe esandleni sakhe, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise. 6 Kepha abantwana bababulali akababulalanga njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”
7Wabulala ku-Edomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi, wathatha iSela ngokulwa, waliqamba igama lokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.
8Khona u-Amasiya wathuma izithunywa kuJehowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibhekane ubuso nobuso.”
9 UJehowashi inkosi yakwa-Israyeli wathumela ku-Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: “Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari* waseLebanoni, sathi: ‘Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngumkayo.’ Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya. 10Umchithile impela u-Edomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”
11Kepha u-Amasiya akalalelanga. Wayesenyuka uJehowashi inkosi yakwa-Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda. 12UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. 13UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wambamba u-Amasiya inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi, ka-Ahaziya, eBeti Shemeshi, wafika eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema, kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube seSangweni laseGumbini, izingalo ezingamakhulu amane. 14Wathatha lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.
15 Ezinye izindaba zikaJehowashi azenzayo, namandla akhe, nempi yakhe no-Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 16UJehowashi wayeselala koyise, wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli; uJerobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
17U-Amasiya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJehowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu. 18Ezinye izindaba zika-Amasiya angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
19Bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona. 20Bamthwala ngamahhashi; wembelwa eJerusalema koyise emzini kaDavide.
21 Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya. 22Wakha i-Elati, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise.
23Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye. 24 Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zonke zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli. 25 Wabuyisa umkhawulo wakwa-Israyeli kusukela ekuyeni eHamati kuze kube seLwandle lwase-Araba; njengezwi likaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, alikhulumayo ngesandla senceku yakhe uJona indodana ka-Amithayi, umprofethi waseGati Heferi.
26 Ngokuba uJehova wabona ukuhlupheka kuka-Israyeli ukuthi kwakumunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla, kungekho omsizayo u-Israyeli. 27UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kepha wabasindisa ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.
28 Ezinye izindaba zikaJerobowamu, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, nokulwa kwakhe, nokubuyisela kwakhe ku-Israyeli iDamaseku neHamati elalingelakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 29 UJerobowamu wayeselala koyise, amakhosi abakwa-Israyeli; uZakariya waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Currently Selected:

2 AmaKhosi 14: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy