YouVersion Logo
Search Icon

2 iziKronike 15

15
Isiprofetho sika-Azariya. Umkhosi wokubonga kuka-Asa
1UMoya kaNkulunkulu waba phezu kuka-Azariya indodana ka-Odedi; 2 waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani. 3 Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho; 4 kepha ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bamfuna; wafunyanwa yibo. 5 Ngaleso sikhathi kwakungekho kuthula kophumayo nakongenayo, ngokuba ukuphaphatheka okukhulu kwakukhona phezu kwabo bonke abakhe ezweni. 6 Isizwe saphahlazwa yisizwe nomuzi ngumuzi, ngokuba uNkulunkulu wabesabisa ngezinkathazo zonke. 7 Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo wawo.”
8Lapho u-Asa esezwa lawo mazwi nesiprofetho sika-Azariya ka-Odedi umprofethi, waziqinisa isibindi, wasusa izinengiso ezweni lonke lakwaJuda noBenjamini, nasemizini ayeyithathile ezintabeni zakwa-Efrayimi, walivusa i-altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova.
9Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabagogobele kubo bevela kwa-Efrayimi, nakwaManase, nakwaSimeyoni, ngokuba abaningi bahlubukela kuye bevela kwa-Israyeli, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe unaye.
10Babuthana eJerusalema ngenyanga yesithathu ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kuka-Asa. 11 Bahlabela uJehova ngalolo suku empangweni ababeyilethile, izinkabi ezingamakhulu ayisikhombisa nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa. 12 Bangena esivumelwaneni sokumfuna uJehova uNkulunkulu wawoyise ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, 13nesokuba bonke ababengamfuni uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli babulawe, noma bebancane noma bebakhulu, owesilisa noma owesifazane. 14Bafunga kuJehova ngezwi elikhulu, nangokukhamuluka, nangamacilongo, nangemitshingo. 15Wonke uJuda wathokoza ngesifungo, ngokuba babefungile ngayo yonke inhliziyo yabo, bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo; wafunyanwa yibo; uJehova wabaphumuza nxazonke.
16 Wamsusa uMahakha unina ka-Asa inkosi ebukhosikazini, ngokuba wayemenzele u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wagawula isithombe sakhe, wasicolisisa, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni. 17Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga kwa-Israyeli; nokho inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zakhe. 18Wangenisa endlini kaNkulunkulu izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.
19Akwabe kusaba khona ukulwa kwaze kwaba semnyakeni wamashumi amathathu nanhlanu wokubusa kuka-Asa.

Currently Selected:

2 iziKronike 15: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy