YouVersion Logo
Search Icon

1 uSamuweli 7

7
Umphongolo useKiriyati Jeharimi
1 Abantu baseKiriyati Jeharimi bafika, bakhuphula umphongolo kaJehova, bawungenisa endlini ka-Abinadaba entabeni, bamngcwelisa u-Eleyazare indodana yakhe ukuba agcine umphongolo kaJehova.
2Kwathi kusukela osukwini umphongolo owahlala ngalo eKiriyati Jeharimi, kwaba yisikhathi eside, ngokuba saba yiminyaka engamashumi amabili; yonke indlu yakwa-Israyeli yakhalela uJehova. 3 USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka-Israyeli, wathi: “Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa; uyakunophula esandleni samaFilisti.” 4 Abakwa-Israyeli base besusa oBali no-Ashitaroti, bamkhonza uJehova yedwa.
Ukukhiwa kwamanzi eMispa
5 USamuweli wathi: “Buthani wonke u-Israyeli eMispa; ngiyakunikhulekela kuJehova.” 6 Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolo suku, bathi khona: “Sonile kuJehova.” USamuweli wahlulela abantwana bakwa-Israyeli eMispa.
Ukwahlulwa kwamaFilisti
7AmaFilisti esezwile ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babuthene eMispa, amakhosi amaFilisti akhuphuka ukulwa no-Israyeli. Abantwana bakwa-Israyeli bekuzwile lokho bawesaba amaFilisti. 8Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuSamuweli: “Ungaphezi ukusikhalela kuJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisindise esandleni samaFilisti.” 9USamuweli wathatha iwundlu elincelayo, wanikela ngalo libe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova; uSamuweli wamkhalela u-Israyeli kuJehova; uJehova wamphendula.
10 USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolo suku, wawangquzula, abulawa phambi kuka-Israyeli. 11Abantu bakwa-Israyeli baphuma eMispa, bawaxosha amaFilisti, bawabulala, baze bafika ngaphansi eBeti Kari.
12 USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMispa neSheni, waqamba igama lalo ngokuthi i-Ebeni Ezeri, ethi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.” 13Ayesahlulwa amaFilisti, awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka-Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli. 14Imizi amaFilisti ayeyithathile ku-Israyeli yabuyiselwa ku-Israyeli, kusukela e-Ekroni kuze kube seGati; umkhawulo wayo u-Israyeli wawophula esandleni samaFilisti. Kwaba khona ukuthula phakathi kuka-Israyeli nama-Amori.
USamuweli ungumahluleli
15USamuweli wahlulela u-Israyeli zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. 16Wahamba iminyaka ngeminyaka ezungeza, waya eBethele, naseGiligali, naseMispa; wahlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo. 17Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho; wahlulela u-Israyeli khona, wamakhela lapho uJehova i-altare.

Currently Selected:

1 uSamuweli 7: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in