YouVersion Logo
Search Icon

1 uSamuweli 27

27
UDavide useGati naseSikilagi
1UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.”
2 Wayesesuka uDavide, wawela, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, waya ku-Akhishi indodana kaMahoki, inkosi yaseGati. 3 UDavide wahlala no-Akhishi eGati, yena nabantu bakhe, kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe, uDavide enawomkakhe bobabili, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili waseKarmeli umkaNabali. 4Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGati; akabe esamfuna futhi.
5UDavide wathi ku-Akhishi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, mabanginike indawo komunye wemizi yasemaphandleni ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?”
6U-Akhishi wamnika iSikilagi ngalolo suku; ngalokho iSikilagi lingelamakhosi kuze kube namuhla. 7 Umumo wezinsuku zokuhlala kukaDavide ezweni lamaFilisti wawungumnyaka nezinyanga ezine.
8 UDavide nabantu bakhe benyuka, bangenela amaGeshuri, namaGirizi, nama-Amaleki, ngokuba lawo ayakhe kulelo zwe kwasendulo ekuyiweni eShuri kuze kube sezweni laseGibithe. 9 UDavide walichitha izwe, akashiyanga muntu ephilile, owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu, nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika ku-Akhishi.
10 U-Akhishi wathi: “Ningenelephi namuhla na?”
UDavide wathi: “Bekuseningizimu kwaJuda, naseningizimu kwamaJerameli, naseningizimu kwamaKheni.” 11UDavide akashiyanga owesilisa nowesifazane ephilile ukubayisa eGati, ethi: “Funa basicebe ngokuthi: ‘Wenze njalo uDavide.’ ” Yayinjalo indlela yakhe zonke izinsuku ehlezi ezweni lamaFilisti. 12U-Akhishi wakholwa nguDavide, wathi: “Wenze ukuba anengwe nokunengwa ngabantu bakhe abakwa-Israyeli; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube nini.”

Currently Selected:

1 uSamuweli 27: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy