YouVersion Logo
Search Icon

1 iziKronike 25

25
Izigaba zabahlabeleli basethempelini
1UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu,* nangezingubhu, nangamasimbali;* umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje: 2emadodaneni ka-Asafa: ngoZakuri, noJosefa, noNethaniya, no-Asharela, amadodana ka-Asafa, phansi kwezandla zika-Asafa owaprofetha ngezandla zenkosi. 3KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni: ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owaprofetha ngehabhu* ngokubonga nangokudumisa uJehova. 4KuHemani: amadodana kaHemani: ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti; 5bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenkosi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.
6Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi. 7Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili. 8 Benza inkatho ngenkonzo, omunye ngomunye, omncane njengomkhulu, isazi nomfundi.
9Inkatho yokuqala yadla uJosefa ka-Asafa, neyesibili uGedaliya; yena nabafowabo namadodana akhe babe yishumi nambili; 10eyesithathu uZakuri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 11eyesine uJisiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 12eyesihlanu uNethaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 13eyesithupha uBukiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 14eyesikhombisa uJesharela, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 15eyesishiyagalombili uJeshaya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 16eyesishiyagalolunye uMathaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 17eyeshumi uShimeyi, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 18eyeshumi nanye u-Azareli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 19eyeshumi nambili uHashabiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 20eyeshumi nantathu uShubayeli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 21eyeshumi nane uMatithiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 22eyeshumi nanhlanu uJeremoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 23eyeshumi nesithupha uHananiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 24eyeshumi nesikhombisa uJoshibekasha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 25eyeshumi nesishiyagalombili uHanani, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 26eyeshumi nesishiyagalolunye uMaloti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 27eyamashumi amabili u-Eliyatha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 28eyamashumi amabili nanye uHothiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 29eyamashumi amabili nambili uGidaliti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 30eyamashumi amabili nantathu uMahaziyoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 31eyamashumi amabili nane uRomamiti Ezeri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili.

Currently Selected:

1 iziKronike 25: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in